Asekuphindile lokho amaphoyisa engqokoza (8) ngenhlamvu eBay
Bahle Mkhize
ASEKUPHINDILE lokho amaphoyisa aKwaZulu-Natal eRichards Bay edubula ebulala abasolwa abayisishagalombili.
Labasolwa kuthiwa bebesendleleni ngoLwesine ebusuku bheke eSikhaleni lapho bebeyobamba khona isitolo sabantu bokufika.
Ezikadalawane zibahlale amagqozo emuva kokubabona beshwibeka emgaqweni omkhulu uJohn Ross bebheke eRichardsbay.
Ngokwamaphoyisa abacele ukuthi babuyele eceleni kodwa umshayeli wabashaha indiva wanyathela kakhulu imoto baqalwa ukudubula namaphoyisa abuyisela ngomlilo kwasala enkundleni abayisishagalombili.
Amaphoyisa athole inqwaba yezibhamu nezinsiza zokugqekeza okukholakala ukuthi beziyosetshenziswa ukugqekeza.
Kwenzeka lesi sigameko nje iPurpose ibike ngokubulawa komsolwa kwaMashu, eThekwini, obefunelwa icala lokuduna imoto e-Avoca Hills.
Amaphoyisa athi umufi ubehamba nozakwabo ngesikhathi belandelwa ngaleli cala abebeqeda ukulenza
Abanye abasolwa abathathu abebemdibi munye nomufi baboshiwe kanti oyedwa wabo ulimale kabi ngesikhathi itholene phezulu.
Lo msebenzi onconywe abaningi ubuqhutshwa iSAPS Trio Crimes Units yasePhoenix, Greenwood Park, nenkampani yonogada iMarshall Security’s Special Operations Team.
Kwenzeka lesi sigameko ngoNovemba 25 abasolwa abathathu ababhekene noxhaxha lwamacala bavela eNkantolo yaseNtuzuma.
Labasolwa baboshwe emva kokuba babonakale kwivideo esabalele kwizinkundla zokuxhumana, bekhipha izibhamu bedubula noma ikanjani ehostela kwaMashu.