Izindaba

Usale enkundleni kwaMashu obehujwa amaphoyisa

Aphe Gcwabe

UDUTSHULWE wabulawa kwaMashu, eThekwini, owesilisa osolwa ngokuduna imoto e-Avoca Hills.

Amaphoyisa athi umufi ubehamba nozakwabo ngesikhathi belandelwa ngaleli cala abebeqeda ukulenza.

Abanye abasolwa abathathu abebemdibi munye nomufi baboshiwe kanti oyedwa wabo ulimale kabi ngesikhathi itholene phezulu.

Lo msebenzi onconywe abaningi ubuqhutshwa iSAPS Trio Crimes Units yasePhoenix, Greenwood Park, nenkampani yonogada iMarshall Security’s Special Operations Team.

Kwenzeka lesi sigameko ngoNovemba 25 abasolwa abathathu ababhekene noxhaxha lwamacala bavela eNkantolo yaseNtuzuma.

Labasolwa baboshwe emva kokuba babonakale kwivideo esabalele kwizinkundla zokuxhumana, bekhipha izibhamu bedubula noma ikanjani ehostela kwaMashu.

Okhulumela iNPA Kwazulu Natal uNatasha Ramkisson-Kara wacashunwa ethi:

“Amadoda amathathu avele eNkantolo yaseNtuzuma ngoxhaxha lwamacala okubulala ukubamba inkunzi namanye. Lezi zigameko zenzeke phakathi kuka Febhuwari no-Okthoba kulo nyaka kwaMashu,” usho kanje.

Iqala inyanga laNovemba amadoda amabili adubulana namaphoyisa, afela endaweni yesigameko.

Kwenzeka lokhu emuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe kwathiwa awaqaphe kwazise kwase kuzwakele ukuthi bahlela ukuyohlasela usomatekisi waseMahlabathini kwaZulu-Natal.

Nebala alandela umkhondo, abathola abasolwa baphuma emotweni badedela intululwane yezinhlamvu ebheke emaphoyiseni.

Amaphoyisa abuyisela kulamadoda afela lapho. Kwatholakala izibhamu nezinhlamvu kubasolwa.

Related Articles

Back to top button