
Bafuna ubulungiswa ngothisha ‘owabulala’ izingane
Sane Mseleku
BAFUNA ubulungiswa abazali bezingane zabafana ababili okuthiwa zabulawa uthisha ngonyaka odlule eDiepkloof, eSoweto.
UTshidiso Ramatlo benoKatleho Letseli batholwa esigangeni beshonile kunezitho zomzimba ezingekho.
Kusolakala ukuthi babulawa uSandile Mbatha onguthisha, emuva kokuthi ehambise imoto yakhe lapho zihlanzwa khona. Wabasola ngokuntshontsha okuthile emotweni yakhe.
UTshidiso benoKatleho babeziphilosa ngokuwasha izimoto zabantu. Ngalolo suku bawasha imoto kaMbatha kanti ababuzanga elangeni.
UMbatha wafica labafana abane wafuna izimpahla zakhe wabafaka emotweni yakhe ngenkani ebasola ngokuntshontsha.
Kuthiwa wabayisa esigangeni lapho kwaphunyuka ababili, kwasala uTshidiso noKatlego.
Labo abasalayo batholakala esigangeni befile.
Leli cala selithathe isikhathi eside, imindeni isifuna ubulungiswa.
UMbatha usacanasa ngaphandle futhi kuthiwa akaze ashushiswe futhi akuthembisi ukuthi uyoke ashushiswe.
Lokhu kulandela ukuthi ecele ithimba lakhe labammeli ukuthi lifake isicelo sokusulwa kwecala.
ULilian Ramatlo unina kaTshidiso usakhala namanje ngendodana yakhe.
Uthi emakhazeni bafica indodana yakhe ikwenye isimo inezimbobo emzimbeni nasemuva, usola ukuthi kwabe kukhishwa izinso.
URamatlo uthi akazi yini ukuthi iMantshi yazibona izithombe zabafana ukuthi babesesimweni esinjani.
Abazali bakhathazeke kakhulu ukubona umsolwa ecanasa futhi uyasebenza akamiswanga ngisho emsebenzini.
Bathi lokhu kubahlukumeza kakhulu njengoba kungekho ubulungiswa obenziwa ngezingane zabo.



