Ezokungcebeleka

Lishabelele koweGagasi FM ekuhlukaniseni unyaka noMr Magic

Liyah Mseleku

Umisiwe umsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe osematheni kulezi zinsuku kulandela ukushintshisana ngamazwi empini yomndeni esabelele ezinkundleni zokuxhumana.

Kwenzeka lokhu nje bekunesasa leGagasi njengoba ilande umakadebona ekusakazeni uLinda Sibiya obezobambisana naye noSelbyonce ekuhlukaniseni unyaka nobekuzoba umlando.

IGagasi FM likhiphe isinqumo sokuhlalisa ekhaya emasonto amabili uFelix. Kwenzeka lokhu nje vele bese kunephethishini esayindwayo ezinkundleni zokuxhumana enxusa kuxoshwe lo msakazi osanda kuthatha isithembu.

Emuva kokuqubuka kwalezi zindaba uHlophe wakhipha isitatimende.

Eziphendulela uHlophe uveze ukuthi uTracy wahamba emzini wabo ngemuva kokuthi emenywe umngani wakhe, nagcina ngokuthi ehambe nezingane nomkhwekazi wakhe.

“Ngiye kuloya muzi ngoba bengiyolanda izingane zami kanye naye umkami. Ngesikhathi ngifika khona kube khona ukujikijelana kwamagama kwanyuka nemimoya kodwa akekho umuntu oshayiwe.”

“Ama-video abonakala ezinkundleni zokuxhumana awavezi konke okwenzekile aveza okuncane okwenzekile. Kukhona konke lokhu amaphoyisa abiziwe, kanye nonogada bezinkampani ezizimele, akekho oboshiwe futhi akukho cala elivuliwe emaphoyiseni,” kusho uFelix.

Uthe amaphoyisa akhale ngakho izinhlamba namagama angehli kahle akade ebhekiswe kumkhwekazi wakhe, ngesikhathi bephendulana.

“Yize kube isimo esingesihle lesi, kodwa unkosikazi wami nezingane zami babuyelile ekhaya bephephile, ngidle nabo usuku lukaKhisimuzi kunokuthula kumnandi futhi singumndeni nomkhwekazi wami ekhona”

“Ngithanda ukubonga wonke umuntu ongithintile ngenxa yokuthi bebekhathazekile ngabakubonile. Mina nomkami sikhetha ukuthi kube nokuthula hhayi ingxabano,” kusho yena.

IGagasi FM kwisitatimende esikhiphile ithe uHlophe uyoze abuyele emoyeni ngomhla ka-19 January 2026. Unyaka uzohlukaniswa uLinda Sibiya noSelbeyonce.

Related Articles

Back to top button