
Lindani Buthelezi
Eminyakeni emihlanu eyedlule ukuqoka imoto edla umhlanganiso njengemoto yonyaka (Car of the Year) eNingizimu Afrika kwakungewona umqansa.
Amalungu eSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ) abekuthola kulula ukuvotela le moto.
Obekwenza kungabi umqansa ukuthi bezingeningi izinhlobo zezimoto ngendlela eseziyiyo namuhla.
Kulokhu labo abaqokelwe ukukhetha imoto yonyaka kubonakala bezosebenza kanzima ngoba cishe kuzona zonke izimoto ezitonyuliwe ayikho esilela ngemuva.
Kuleli sonto kumenyezelwe izimoto ezingu 30 ezisembangweni wowandulela owamanqamu wemoto yonyaka.
Kuzona kunengxubevange yezinkampani ezinomlando omude wezimoto eNingizimu Afrika kanye nomafikizolo ikakhulukazi okuyizimoto zezinkampani zaseChina.
USihlalo womncintiswano weCar of The Year, uThami Masemola uthe akubuzwa ukuthi umncintiswano ushube kakhulu embangweni wemoto yonyaka yango-2026.
Phakathi kwezimoto eziqokwe kowandulela owamanqamu kukhona ezincane ezingenasinqe, izingqovungqovu amaSUV, ezidle ngejubane kuya kumaveni.

Nazi izimoto okuzoqokwa kuzo eyonyaka:
Alfa Romeo Junior
Audi A5
Audi RS Q8
BMW 2 Series Gran Coupe
BYD Dolphin Surf
BYD Shark
Chery Tiggo 7 PHEV
Chery Tiggo 9
GWM Haval H7
Honda Amaze
Hyundai Alcazar
Hyundai Santa Fe
Jaecoo J5
Jetour T2
Land Rover Defender OCTA
Leapmotor C10 REEV
Lexus GX
Mercedes-AMG CLE 53
Mercedes-AMG E53 Hybrid
Mercedes-AMG GT 63 S E
MG Cyberster
MG ZS Pro
MINI Aceman
Omoda C7
Opel Grandland
Renault Duster
Suzuki Dzire
Volkswagen Golf 1.4TSI
Volkswagen Tayron
Volvo EX90



