
Kushode ozogadla kuqala kosaziwayo kuhluthuka imimoya
Sihle Mkhize
KUGQAME ubudlova nendelelo phakathi kwabaculi bemidlalo ebizwa ngeJammin 2 Tournament edume ngamacelebrity games.
Kulo mqhudelwano bekuhlangene iMaskandi FC (eholwa wuKhuzani), iGospel FC (Dumi Mkokstad), Gqom FC (DJ Tira) neHip Hop FC (Big Zulu).
La maqembu abedudulana eTsakane Stadium, eGauteng ngeSonto.
Isigameko esidonse amahlo abaningi njengoba le midlalo ibisakazwa iSABC yingesikhathi kunqakiswana ngamazwi phakathi kwaBig Zulu, Dumi Mkokstad noDJ Tira kubangwa ukuthi ubani okumele aphume enkundleni.
“U-SABC uzibophezele ukweseka lemidlalo nangezinsiza zawo nemali ukubukisa lemidlalo, nisho ukuthi kumele kubukwe ifilimu kaChan Lee ngoba nina nikhethe ukuthi ningadlali kungekho nesisombululo enizofika kusona,” kubuza u-Andile Ncube obethula lemidlalo enkundleni nobebukeka enengekile.
“Ngenxa yalo mfana, sekungaze kume yonke into nxa, akanabo ubuntu nje. Sekungama yonke into ngenxa yokuthi udliwe akafuni ukuphuma,” kubhoka uBig Zulu ekhomba ngezandla uDumi.
“Dumi udliwe sicela usiphumela, nangu noMaskandi wehlela ngezansi,” kuphawula uDJ Tira.
UDumi ubeziseka ngokuthi ayilandelwanga imithetho nemigomo abazibekele yona kule miqhudelwano.
Phakathi kwayo kuhlanganisa ukungadlaliswa komdlali wesifazane nokuyinto obekumele yenzeke.
Nokufaka isibalo esiphezulu sabadlali abangesibo abaculi siwuthelile usawoti esilondeni.
U-Azania ephawula enkundleni yezokuxhumana i-X uthe uthemba ukuthi uBig Zulu uyothi uma evuka ngakusasa evula levideo abone ukuthi ubeluhlaza kuDumi Mkokstad.
“UDumi ungumyeni, ubaba womuzi wakhe. Ngale kwalokho kade afika kule ndima kunoBig Zulu ukuthi abizwe ngomfana omncane. Ukudelela lokho,” kusho u-Azania.