Ezokungcebeleka

Kumnyama kubasakazi boKhozi FM ngamaholo 

ABASAKAZI boKhozi FM nabadidiyeli bazinhlelo kuthiwa abazi ukuthi bazohola malini ekupheleni kwenyanga kwazise abanikeziwe izinkontileka.

Uma becela izinkontileka kuthiwa zisalungiswa kodwa sebeze baqala ukusebenza njengoba bekuqala unyaka omusha wezimali kubo ngomhla ka-1 April 2025.

Ngokujwayelekile bekumele banikwe izinkontileka ngaphambi kokuthi beqale ukusebenza.

Umdidiyeli osemdala uZandi Wardle ofike kuKhozi FM ngoDecember uthi abasakazi bengabe besabingelelana nabadidiyeli uma bengena emoyeni, uthi umgimo yakwa SABC awukuvumi lokho, kodwa eminye imsakazo engaphansi kwale nhlangani iyakwenza lokho.

“Losisi uma ekhuluma nabasakazi ubaphendula noma ikanjani ubuye abathethise okwezingane. Abanye abasakazi banokwantalala ngendlela abahlukunyezwa ngayo kulo msakazo. Abanye sebencishiselwe izinsuku zokusebenza. Kunomunye umsakazi omdala kulesi sitesi okhale izinyembezi uma engixoxela ngosizi ababhekene nalo kulo msakazo,” kusho umthombo.

UMnuz Busani Mthembu (Acting station manager) kuthiwa usebhalelwe ngalolu daba.

“Ukuphula amalungelo abasebenzi lokhu abakwenzayo. Umuntu ohlukumeza abasebenzi asimfuni nala ehambe khona kodwa nabo sisabanike ithuba lokuziphendulela kulokhu,” kuphetha umthombo.

Okhulumela iSABC uMnoni Seapealoe thintwa iPurpose ucele ukufonelwa emuva kwemizuzu elishumi, uma esephinda efonelwa akabange esalubamba ucingo.

Related Articles

Back to top button