
Izibusiso zoNyazi ngempumelelo yeChiefs?
KUBATSHAZWA amandla omholi webandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe ngokunqoba kweKaizer Chiefs ibhaxabula Mamelodi Sundowns.
Nakuba iChiefs ingakawunqobi owamanqamu ezowudlala ne-Orlando Pirates kodwa kunegidigidi kwazise abaningi bebengayinike lutho.
Imithombo yabezindaba ibike ukuthi uMotaung nezinye izikhulu zeChiefs babambe inguyazana ovalelekile noNyazi ngezithuba zakusihlwa ngoMsombuluko.
Ngokombiko weLanga okhulumela Amakhosi, uMnuz Vina Maphosa wakuqinisekisa ukuthi izikhulu zaleli qembu bezivakashele uNyazi, kodwa wathi ukuvakasha kwazo akuhlangene neqembu, bekuwuhambo lwazo lwangasese.
IKaizer Chiefs ibuya kuNyazi igile izimanga ibuya ngemuva inqoba iMamelodi Sundowns ekhaya ngo 2-1 emdlalweni owandulela owamanqamu ngeSonto nokuyinto ebingalindelekile.
Amakhosi abuye kade eselandela ngemuva ngo 1-0, futhi kubukeka iSundowns izozihubuluzela nje.
ISundowns ihambe phambili ngomzuzu wokugcina ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini ngegoli likaTeboho Mokoena.
Lo mdlali oyisihlabani nakwiBafana Bafana ushaye elihle ibhola kade kuyibhola elibekwe phansi (free kick).
Uzwe ngenhlokomo yabalandeli unozinti weChiefs uBruce Bvuma ukuthi seligaxele enethini ngemuva kwakhe.
Nokho esiwombeni sesibili iChiefs ikwazile ukubuya ishaye amagoli amabili.
UWandile Duba nguye oshaye elesibili, wabe esephuma ededela u-Ashley Du Preez ofike washaya elesibili.
Amakhosi yiwona aseyodlala owamanqamu ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMeyi 10.