
Usazobahubha owodumo lweSizok’thola
USENGOKHULULEKILE uXolani Khumalo wodumo lohlelo iSizok’thola lapho babekhiphisa khona abasolwa ngokushushumbisa nokudayisa izidakamizwa.
UKhumalo ubevele ePalm Ridge Court ngoMsombuluko emini.
Uphulukudlela nje ubebhekene necala lokulimaza impahla, elokubulala nelokuphanga.
Isigameko esanqinda amandla uXolani emsebenzini owawuthokozelwa abaningi senzeka ngo-2023.
Basolwa ngoku “xoxa” noRobert “Rick’s” Varrie (49) owayesolwa ngokushushumbisa izidakamizwa. Wabe esephuthunyiswa esibhedlela nalapho wafike waphelela khona.
Umshusisi woMbuso umkhiphe ngelokuthi uphenyo lusaqhubeka okwamanje angakhululeka.
Idolobha laseGoli lisanda kuhlanganisa isibophezelo sokusebenzisana noXolani Khumalo.
IGoli libhekene nobugebengu obuphezulu okuhlanganisa ukudayiswa kwezidakamizwa, ukuchanasa kwabantu bokufika abangenawo amaphepha, ukishushumbiswa kwabantu nobugebengu jikelele.
UKhumalo usephenduke iqhawe kwabaningi ngengesihlangu nomkhonto wokulwa nobugebengu nokusekumdalele amazinyo abushelelezi.
Ekhuluma nabezindaba uKhumalo uthe ukujabulele ukuthi amacala abebhekene nawo achithiwe.
“Kuningi osekwenzekile empilweni yami, ngilahlekelwe okuningi ngithemba ukuthi kumbuleka ikhasi lokuhle okuzayo. Ngisazosebenza kakhulu kunakuqala. Umfutho ebesiwufaka sizowuphinda kashumi ngoba sengathi izinto sezithanda ukuphuma esandleni,” usho kanje kwabeDaily Sun.
Uphinde wabalula ukuthi unesifiso sokuqinisa amaxhama okuxhumana nokusebenisana phakathi kwakhe namaphoyisa.
Mayelana nesidumbu esaphumayo uKhumalo uthi uzwelana nomndeni kodwa akusiye umenzi.