
Ithuba elingqayizivele lokufunda isiZulu ekhaya unethezekile
Liyah Mseleku
UWE evuka uNksz Thobile Mkhize (29) owayehlezi enephupho lokuqala ibhizinisi lakhe nakuba waqala ekubeni ngumpheki.
Emuva kokupheka wenza umsebenzi wokuhlanza izingubo zabantu kodwa enephupho lokuvula ibhizinisi iNhloso Investments ngelinye ilanga.
Nebala ngonyaka ka-2022 kwalokoza inhlasi yethemba waqala walandela ubizo lokufundisa izingane ulimi lwesiZulu.
“Ngiqashwa njengePrivate Tutor ngifundisa zonke izinhlanga okuhlanganisa abeLungu namaNdiya. Ngisebenzisana noThembile Khuboni esifundisa naye ulimi lwesiZulu,” usho kanje.
Lolu hlelo lungaphansi kweNhloso Investments. Uthi ubone IsiZulu sifa ebhekile.
“Kweminye imizi kugcina kucindezeleka izivakashi ezingakwazi ukuveteza isiNgisi ngenxa yokuthi izingane zakulelo khaya azifundisekile ulimi lwesiZulu. Ulimi lwasekhaya ave lubalulekile,” kuqhuba yena.
UNksz Mkhize waseMalazi kwaW uthi uyakuqonda ukuthi umculo kaMasakandi unenhlese oyibuyisayo yokuthanda uSiko nolimi njengoba iningi labantu lithutheleke kuwo.
Isikole sikaNksz Mkhize siqala ukufundisa amahora amabili akhokhisa uR200, amane R400. Ufundisa zonke izimpelasonto namaholidi. Amabanga awafundisayo kusukela kugrade 0 kuya ku-12.
Nakuba umsebenzi kaNksz Mkhize wenza kahle kakhulu kodwa akakufihli ukuthi akanazo iziqu zasezikhungweni zemfundo ephakeme, ugabe ngolwazi qha.
“Esikoleni ngafunde uLevel 1 kwisiZulu. Ngaphasa ngoB eVelabahleke High School eMlazi. Unyaka kwakungu-2014. Ngihlezi ngithi abazali abagqugquzele abantwana ukuthi abafunde izinqolobane noma amaphephandaba. Lokho kuyasiza ekuzithuthukiseni ngolwazi,” kusho uMkhize.
Isifiso sikaNksz Mkhize ukuthi athole ulwazi olwanele ukuthi abhalise ngaphansi kwedata base, bese ethola usizo kuMasapila, kuHulumeni noma uMsamariya onesihawu ongafaka isandla.
Facebook Thobile Mkhize
WhatsApp 073 062 7986.