Ezemidlalo

IPirates ihlonipha isinqumo somqeqeshi oshiyayo

USIHLALO we-Orlando Pirates uDr Irvin Khoza uzwakalise ukubonga kwakhe ngamagalelo omqeqeshi oshiya iqembu uJose Riveiro.

“Nakuba besingathanda ukuthi uJosé ahlale, sisihlonipha ngokugcwele isinqumo sakhe.

“Injabulo nempumelelo ayilethe ekilabhini ayisoze yalibaleka.”

UJosé Riveiro uzolishiya leli qembu ekupheleni kwesizini.

Lo mqeqeshi odabuka eSpain uthathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe, ephela ekupheleni kukaJuni.

URiveiro wazise abaphathi ngesinqumo sakhe kusenezinyanga ukuze aqinisekise ukuthi banesikhathi esanele sokubheka ozovala isikhala sakhe.

Iqembu manje linesikhathi sokulungiselela ikusasa ngaphandle kwalo mqeqeshi yize kusasele imidlalo eminingana.

AmaBhakabhaka asethungatha ozovala isikhala sakhe ngaphambi kwesizini ka-2025/26.

Kodwa-ke, ikilabhu ngeke ikhiphe ulwazi oluphelele kuze kube yisikhathi esifanele.

IPirates isasembangweni wemiqhudelwano emithathu emikhulu.

Isakhona kwiBetway Premiership, iCaf Champions League neNedbank Cup.

Iqembu selinxuse abalandeli ukuthi bameseke uRiveiro neqembu kuze kusongwe le sizini.

“Ezinye izimemezelo zizokwenziwa ekupheleni kwesizini,” kwengeza ikilabhu esitatimendeni.

URiveiro uhamba nje usezakhele igama futhi akaconsi kubalandeli bePirates njengoba enqobe izindebe ezinhlanu kumanje.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button