
Isale imapeketwane inkundla eLoftus kulwa abalandeli
IQEMBU lebhola laseTunisia i-Esperance ihlulwe umdlalo enkundleni iguqiswa iMamelodi Sundowns ngo 1-0 kwabhoka abalandeli badala impi eshiye inkundla ilimele.
Lesi sigameko esingesihle siqoshwe enkundleni njengoba abalandeli abambalwa be-Esperance nabeMamelodi Sundowns bebe sebevula eyabo inkundla yokuzwana amandla.
Babe sebehubhana befuna ukufihlelana izinzipho futhi bajikijelana nganoma yini abebengahlangana nayo.
Umsakazi wezemidlalo odumile, uRobert Marawa ube ngomunye wabokuqala ukuphawula ngalesi sigameko asibize ngesingesihle.
Ufake izithombe zesigameko kwi-X yakhe wacela inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika ukuthi ithathe izinyathelo ngalokhu okwenzekile.
“Akuyona into enhle ukuyibona ekupheleni komdlalo we-#CAFCL eLoftus Stadium phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Espérance Sportive de Tunis… Sekusele kuwe Caf,” kubhala uMarawa.
Abalandeli nabo babe sebephawula abanye abahambisana neSundowns besola abe-Esperance ngokuqala lolu thuthuva olugcine luba yimpi.
Bacele ukuthi umlenze wesibili udlalwe enkundleni engenabalandeli njengesijeziso salento eyenziwe abalandeli be-Esperance ewukuziphatha ngendlela engafanele.
Enkundleni, uPeter Shalulile ushaye igoli ngesiwombe sesibili okwenza iSundowns ithole ithuba lokuya emlenzeni wesibili ekuhambeni isendaweni engcono.
Nakhona ngaphakathi enkundleli imimoya beyiphakeme futhi zibe khona iziqeshana la abadlali bebesho ukubambana ngezandla.