Izindaba

Bakhale bemuka abafana nemali KwaMashu

Philasande Luthuli 

BASHAYE bachitha nesamba semali esingaziwa nezibhamu abasolwa ababambe imoto yemali emgaqweni  uM25 KwaMashu, eThekwini, ngoMsombuluko ntambama.

Kushaqwe izibhamu ezimbili ezincane, esisodwa esikhulu nesamba semali.

Abasolwa abebehlome bezingovolo bebehamba ngezimoto ezimbili ezahlukene bamise ngoshova imoto ebithwele isamba semali engadalulwanga.

Lezi zigilamkhuba zinamathisele amabhomu kule moto yemali kwaduma izulu.

Yilapho-ke bekwaze ukushaqa khona yonke imali nezibhamu zonogada.

Badubule emoyeni amahlandla ambalwa ngaphambi kokuthi bashaye bachithe nemali. Babaleke ngemoto yohlobo lweFord SUV emhlophe neToyota Corolla esiliva.

Ngesikhathi sesigameko ilunga lonogada beReaction Unit South Africa (RUSA) belihamba liqhuba umsebenzi ngesikhathi liqaphela imoto kuM25 ibaleka. Unogada ucele kwengezwe isibalo ngesikhathi beyobheka endaweni yesigameko.

Kutholakale isibhamu sohlobo lweRevolver endaweni yesigameko nokusolakala ukuthi siqathake kubasolwa.

NgoLwesihlanu kusihlwa kusabalale i-video ebikhombisa obekwenzeka kuphangwa imoto yemali kungathi kudlala ifilimu.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule iPurpose ibike ngokubulawa komsolwa oyedwa kwalimala kabi ababili abathinteka esigamekweni sokubamba imoto yemali esigcemeni sakwa-L KwaMashu.

Laba basolwa abebehamba ngemoto yohlobo lweToyota Cross eyadunwa eMlaza nokuyiyona abayisebenzisa bebamba ngayo imoto yemali futhi bavinjezelwa amaphoyisa behamba ngayo ePhungashe, eningizimu yesifundazwe.

Balahlwe ngelakubo ngesikhathi betholana ngezulu lezandla namaphoyisa eXopo.

Related Articles

Back to top button