Izindaba

Kuhlwe emini kuboshwa ‘owabulala’ 12 eHostela

Morgan Ngwazi

UKhomishana wamaPhoyisa kuwelonke uGeneral Fannie Masemola ulishayela ihlombe ithimba lezinhlaka ezahlukene eliphenya ngesigameko sokudutsulwa kubulawe abantu e-Atteridgeville, ePitoli.

Kwagcina kufe abantu abayishumi nambili kwathi abanye abayishumi nantathu balimala kanzima.

Ngesonto eledlule, umkhankaso ohlangene obandakanya amaphoyisa aseGauteng naseLimpopo abophe oyedwa kwabathathu ababefuneka ePolokwane, eLimpopo.

Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa ashaqe isibhamu nezinhlamvu eziningi ezitholwe kuye.

Ngemuva kokuhlolwa kwesibhamu, amaphoyisa akuqinisekisa ukuthi isibhamu esithathwe ngamaphoyisa ngesikhathi kuboshwa umsolwa sihlobene nesigameko sobugebengu e-Atteridgeville.

Umsolwa uzovela ePolokwane ngecala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Kanti ngoLwesithathu, 31 December 2025, umsolwa uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville ngamacala angu-12 okubulala nangu-13 okuzama ukubulala.

Umsolwa ngeke adalulwe okwamanje njengoba kusalindwe ukuphothulwa ukuhlonzwa kwakhe. Kusathungathwa abasolwa ababili abasagcwele amathafa.

Lesi sibhicongo senzeka ethaveni engaphakathi eHostel, eSaulsville, Atteridgeville. Ushayasibhamu wavulela ngenhlamvu njengoba kwafa abantu kwalimala abantu abangu-13 okuhlanganisa nezingame.

Kwahlatshwa umkhosi njengoba bavefunwa njengembuzi yomsebenzi.

Lesi sibhicongo senzeka ethaveni engaphakathi eHostel, eSaulsville, Atteridgeville. Ushayasibhamu wavulela ngenhlamvu njengoba kwafa abantu kwalimala abantu abangu-13 okuhlanganisa nezingame.

Kwahlatshwa umkhosi njengoba bavefunwa njengembuzi yomsebenzi.

Khonamanjalo, amaPhoyisa asaphansi phezulu athungatha abanye abasolwa ababili abafunekayo kulesi sigameko esashiya izintandane.

Related Articles

Back to top button