
Itwetwe ngonqamlajuqu wamapleti ezimoto
Sekubalwa izinsuku kushaye unqamlajuqu ongeSonto mhla ka-30 November ukuqedwa kwamapleti ezinombolo ezindala zezimoto KwaZulu-Natal.
La mapleti abebalula idolobha lalapho imoto ithelelwa khona.
Abashayeli bezimoto ezisasebenzisa izinombolo ezindala bazobhekana nokukhokha izinhlawulo okanye imoto ikhishwe emgwaqeni.
Lolu hlelo luyingxenye kazwelonke inational traffic information system (eNatis) olwenganyelwe iRoad Traffic Management Corporation (RTMC).
Uhlelo lokushintshela kwizinombolo ezintsha lwaqala mhla ka-1 kuDecember ngo-2023 lunquyelwe iminyaka emibili ephela ngeSonto phakathi kwamabili.
Kusuka kuqale uNovember ezindaweni zikahulumeni okuvuselelwa kuzo amalayisensi nasemaposini akhethekile bekuvalwe ngomuntu kuphuthunywa umnqamulajuqu waseSonto.
Izindawo ezikhiqiza izinombolo zezimoto bezivala ngale kwamahora ajwayelekile ezinye zivula nangeSonto ngenxa yabantu abaphuthuma ukushintsha izinombolo.
Phakathi kwezinombolo ebezinedumela ezizokhunjulwa njalo njengoba uphela umnqamulajuqu ngeyaseThekwini ebiyaziwa ngeND, eyaseNdwedwe iNDW eyaduma kakhulu ngesikhathi somdlalo wethelevishini iFa lakwaMthethwa eyayitetemuka “uBhekifa”.
UMgungundlovu iNP, iHlalankosi kwaNongoma iNND, iPortshepstone NPS, iPinetown NU ukubala nje ezimbalwa.
Ngesikhathi lezinombolo zifika okokuqala laba likhulu isasasa, kepha abanye baqoma ukubambelela kwizinombolo ezindala.
Izinombolo ezintsha zibiza phakathi kuka R350 kuya kuR420 kuye ngokushiyana kwezindawo.
Ezinkundleni zokuxhumana bekuphithizela abantu bebuza izindawo ezinconywana ngokwentengo bejahe ukungaficwa emathonsi abanzi.
Bayede



