Izindaba

Ubhadanywe etarven oklinye indodana (9)

Liyah Mseleku

Uboshwe ngamaphoyisa eHebron, esifundazweni saseNorth West ngoLwesibili ebusuku uSduduzi Mavundla (29).

Lo msolwa ubefunelwa icala lokuzama ukubulala umshana wakhe oneminyaka eyisishagalolunye ubudala.

Kuthiwa uMavundla wamklinya wamgwaza nasebusweni wamshiya engasanyakazi.

Lesi sigameko senzeka ePhola, eChesterville, eThekwini ngomhla ka-4 January ngonyaka odlule.

IBrits Crime Intelligence kanye ne-Brits Trio Task Team balandele umkhondo kaSduduzo baze bayofika eSigcemeni sase-Itereleng e-Hebron.

USduduzo obenganakile ubezibukela ibhola kwenye yezindawo zokucima ukoma ngesikhathi eboshwa.

Uzothuthelwa eThekwini lapho ezovela khona enkantolo maduze.

Ugogo kamgilwa ngasohlangothini lukanina, uNkk Veronica Msweli, uthe kahle hle umgilwa uhlala eNtuzuma, kodwa isigameko senzeka eChesterville, umgilwa evakashele umkhulu ohlangothini lukayise.

“Uyise wakhe omncane wamyenga ngokuthi abahambe ayomthengela ama-chips esitolo. Sebesendleleni, wamjikela wamfaka ehlathini lapho amshaya khona, wagwazwa ngesikhali esingazi ukuthi sasiyini kodwa okukhombisa ukuthi sasinamazinyo wase emklinya, wamshiya ethi ufile,” kusho uNkk Msweli.

Uqhube wathi umgilwa wabuye waphaphama sekuhwalele, wadwanguza, waze wafika ngasemgwaqweni, lapho asizwa khona umuntu wendawo ahlangana naye.

Uveze ukuthi lo muntu wamphuthumisa esibhedlela iKing Edward, yona eyamdlulisela eNkosi Albert Luthuli Central.

“Wahlala esibhedlala izinyanga ezintathu. Esesilandisa ngesehlo wasitshela ukuthi uyise omncane ngesikhathi emhlasela wayethi uyise (kamgilwa) umjwayela kabi, ufuna ukumfundisa isifundo,” usho kanje.

Uthe nakuba bengakaze baluthole ulwazi olugcwele ngokuthi kwakuyini imbangela yokuthi ahlasele umgilwa kodwa bezwa kuthiwa uyise (kamgilwa) wayemkweleta imali umfowabo.

“Asazi noma wayihlaselela lokho yini ingane,” kusho uNkk Msweli.

Related Articles

Back to top button