Ezokungcebeleka

Isizophelela enkantolo ekaMinnie Dlamini noMcG

Philasande Luthuli

Uzoqhubeka athathe izinyathelo zomthetho uMinnie Dlamini okhala ngokwesihlwa kwesithunzi uMac G owethula iPodcast & Chill.

UMinnie uthi nakuba eyitholile incwadi yesixoliso evela kubameli baMac G kodwa bese vele umonakalo usudalekile.

UMinnie Dlamini ungomunethuli wezinhlelo nomphathi wazo ozisezingeni eliphezulu kuleli.

“Njengosaziwayo nomama, akufanele ngivuse ikhanda ngoba ngizilwela mina kodwa wonke umuntu owehliseka isithunzi egameni lezokungcebeleka,”

“Ekugcineni ngumama, usisi nendodakazi kwabanye. Lesi simo asidalanga umonakalo kimina kuphela kodwa nakulabo abasondelene nami,” usho kanje.

UMacG uveze ukuthi udlulisa ukuxolisa kubo bonke abantu besifazane baseNingizimi Afrika abaphatheka kabi ngendlela aphawula ngayo ngodaba lukaMinnie.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMacG wakhuluma amagama anenhlabathi ngale ntokazi yaseThekwini.

UMacG wathi iyahluleka ukuhlala isikhathi eside ebudlelwaneni bezothando ngoba inephunga elibi esithweni sayo sangasese.

UMacG wakhuluma kanje ngemuva kokuthi uMinnie ahlukane noDkt Brian Monaisa.

UMacG ube esemema uMinnie kwiPodcast & Chill.

“Asiqede ngalento, ngoba yaqala lana kwiPodcast & Chilli ayiphele lana,” esho.

Nakuba abanye bekujabulela ukuxolisa kukaMacG kodwa abanye abagculisekile. Basola ukuthi insizwa yaseLimpopo ixolisa ngenxa yabaxhasi ebebekade sebefuna ukuhoxa kwiPodcast yayo.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button