Ezezimoto

Ingqovungqovu yeHyundai Alcazar ikuheha useza kude

SIHLE “Ngeney’ntwen” Mkhize 

UMA ungumuntu onomndeni nokhonze ukuya emaholidini ngingakucebisa ukuthi usondele emagaraji akwaHyundai ucele iSUV entsha i-Alcazar, ngeke uzisole.

Ngisho ngoba inesikhala okungangena kuso inkomo uma usulalise izihlalo zangemuva.

Abaningi bathi Alcazar izoshaya phansi iGrand Creta kwazise uma uyibheka ushesha inokufana ngemuva.

Ngobude i-Alcazar ishaya u-4560mm, idlula iGrand Creta ngo-60mm.

Bese kuthi ububanzi bayo kube u-180mmm umehluko u-10mm.

Lo mehluko ugqame ngesikhathi ngiyipaka khona kwHyundai, eMhlanga, ikuvezile ukuthi idinga indawo ekhululekile ukuze nezicabha zivuleke kahle.

Lezi zinguquko zikhomba ukuthi i-Alcazar isikhuphule amasokisi. Okungashintshanga ukishiya kwayo igabade.

Emgwaqeni inamandla ayisimanga njengoba inenjini kapetrol 2.0 ekwazi ukukhafula amandla angango 117kW.

Uma ungena ukhangwa izihlalo zesikhumba ezintofontofo kanti uma uthe kwi ngethambo njengami usizwa amabhathini okulungisa isihlalo ungene khaxa.

Cishe njengazo zonke izimoto zesimanje awusebenzisi ukhiye uciphaza ibhathini kube ukuduma kwayo.

Kwezobuchwepheshe, igabe nangokuthi ukwazi ukushaja iselula ngaphandle kokuthi uze usebenzise intambo.

Iscreen sakhona sikhulu, uciphaza sona sikwenzele okufunayo ikakhululazi uma udlala umculo nokunye okubuchwepheshe.

Ingaphakathi leHyundai Alcazar likwenza ubone ukuthi kusamele usebenze ngempela ukuze ukwazi ukugibela lolu hlobo

Nakuba ngiyivivinye emini kwabha kodwa ebusuku iyakusiza ngamalambu eLED esiza ukukhanyisa kuthi bha.

Engikuthandile futhi wukuthi iyakutshela uma ugeja umzila ukwazi ukubuyela endaweni efanele.

Iyakutshela uma ususeduze kakhulu ukuthi qaphela kukhona ozokushayisa ngaphambili noma ingemuva.

Ifika newarranty yeminyaka engu-7/200 000km iphinde ikugixabeze ngeservice plan yeminyaka emithathu.

Amanani:

Hyundai Alcazar 2.0-litre Executive AT: R499 900

Hyundai Alcazar 1.5-litre Executive Diesel AT: R599 900

Hyundai Alcazar 1.5-litre Elite Diesel AT: R669 900

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button