Ezemidlalo

Zibhodlele kwi-Arrows eZimnyama zivalelisa  uRiveiro 

I-Orlando Pirates imvalelise ngamaphuzu amathathu nangamagoli amathathu uJose Riveiro obehlezi okokugcina ebhentshini laleli qembu njengomqeqeshi.

Kulo mdlalo iBhakabhaka ibhaxabule iLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership.

Inqoba nje iBhakabhaka ibuya kwinduku ka 2-1 ihlulwa iKaizer Chiefs eyihlwithe isicoco seNedbank Cup.

Amagoli ezimnyama aze noTshegofatso Mabasa ngomzuzu we-16 uBandile Shandu ngowama-61 kwaba uKabelo Dlamini oshaye incwenga yeFree Kick ngowama-66.

UMabasa uthe mayeqeda ukushaya igoli wagijima waya kuRiviero emuqukula egijima naye.

IPirates kule sizini isalelwe imidlalo emine, ebhentshini izoqedela iqeqeshwa uMandla Ncikazi.

Ukhombise ukuqina nokukhula uMbekezeli Mbokazi ezibamba yize ebebonakala ukuthi ubuhlungu ngokuhamba kukaJose Riveiro.

UMbekezeli Mbokazi ngomunye wabadlali abasebancane abanikwe ithuba futhi bakhonjiswa ukwethenjwa uJose Riveiro esikhathini sakhe kwiPirates.

Lo mdlalo bewuse-Orlando Stadium.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMbekezeli Mbokazi, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, uveze ukubonga kwakhe.

“Besikufuna kakhulu lokhu kunqoba kwazise sisuka ekuhlulweni okungabajabulisanga abalandeli,” kusho uMbokazi.

“Yingakho besidlala ngakho konke esinakho ukuqinisekisa ukuthi siyawunqoba lo mdlalo.

“Siyabonga kubaqeqeshi ngolwazi namacebo okuthi sidlale kanjani.

“Bese ngibonga nala ngisuka khona (eMtubatuba). Bebengithumelela imilayezo bengifaka ugqozi.”

Ube esebuzwa ngokuhamba kukaJose Riveiro okhululwe ukushiya ingakapheli inkontileka yakhe.

“Iqembu nje lonke, besivele sesazi ukuthi uyahamba. Besifuna ukuvalelisa ngokunqoba, ahambe ejabulile, engahambi ehluliwe.

“Yingakho besidlala ngokuzikhandla kanje, sonke sizimisele,” kuqhuba lo mdlali obizwa ngelikaTLB.

Related Articles

Back to top button