
I-NPA ilwela ukubuyekezwa kwesinqumo ngo-Omotoso
UBarry Madolo oyiNational Prosecuting Authority’s Director of Public Prosecutions e-Eastern Cape, usethathe isinqumo sokubuyekezwa kwesinqumo seJaji laseNkantolo ephakeme eGqeberha.
Ngenyanga edlule iJaji, u-Irma Schoeman, lakhipha phambili uMvangeli uTimothy Omotoso odabuka eNigeria nababili ayeboshwe nabo.
Okhulumela iNPA u-Advocate Mthunzi Mhaga uthe bathathe lesi sinqumo emuva kokucubungula lolu daba nezingwevu zabaphenyi ngaphakathi.
Ngalezi zizathu iNPA igcine iphonsela u-Omotoso (66) imfuna abuyele ejele.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNkantolo enkulu eGqeberha yamthola engenacala kulawo ayebekwe wona, okubalwa awokudlwengula nokushushumbisa kwabantu namanye amaningi.
Kube nokukhala okukhulu kukhululwa lomfundisi obesetoke iminyaka engu-8.
Lwaphinde lwagxekwa kakhulu loluphiko (NPA) kukhalwa ngokuthi abameli babo babentekenteke yingakho etholwe engenacala umfundisi.
Ikhuluma kanjena nje iNPA, u-Omotoso uvele usejele uboshwe ngempelasonto e-Eastern Cape eboshelwa ukungabi nemvume yokuba kuleli.
Lo mfundisi waseNigeria ufake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu, efuna kubuyekezwe isinqumo soMnyango wezaseKhaya sokumchaza njengomuntu onelungelo lokuba kuleli.



