Izindaba

Isemakhandleleni imindeni yabaduke nendiza eKZN

Philasande Luthuli

Usemakhandleleni umndeni womfundi wokushayela izindiza uNqobile Biyela (23) neminye emibili kulandela ukuduka kwendiza ababeyigibele.

Abagilwa abathathu bandize ngebhanoyi besuka eVigirnia Airport, eThekwini, ngeSonto ngezikhathi zehora lesithathu ntambama.

Ngokombiko kuvela ukuthi labagibeli bahlulekile ukufika lapho belibangise khona.

Usemakhandleleni umndeni kaNqobile Biyela (23) neminye emibili kulandela ukuduka kwendiza ababeyigibele

Le ndiza igcine ukubonakala indiza phezu kweLadysmith ibheke ePietermaritzburg noma eGreytown.

Inkosi Mhlabunzima Maphumulo House idalule ukuthi baxhumana nochwepheshe nabasebenzi abavela kwi-Aeronautical Rescue Coordination Centre (ARCC) ukuzama ukuthola usizo.

Kuvele negama lika-Ayanda Msweli ongumethuli wezindaba zomgwaqo njengomuntu oxhumanayo nomndeni womshayeli wesifazane kule ndiza.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha ukuHlaliswa kwabantu uSiboniso Duma usedlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe.

“Sizibophezele ukusebenzisana ne-ARCC namaphoyisa aseGreytown ukuzama ukubathungatha”

“Njengo Mnyango wezokuThutha samemezela izinhlelo zethu njengoba sibhekwe imithetho ehlanganisa i-Economic Regulations Act”

“Sibandakanyeka emsebenzini enzima ezikhumulweni zezindiza ezahlukene okubalwa i-Oribi, Umkhuze, Richards Bay neVirginia Airport.

Njengamanje sixoxisana neminyango ebalulekile okuhlanganisa iSA Aviation Authority, Airport Company of South Africa, Department of Economic Development, Tourism and Environmental Affairs.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button