
Kuzonuka ithayi eThekwini kubungazwa usuku lobaba
Impelasonto yokubungaza usuku lobaba eThekwini izohambisana nokukhala kwethayi, ukububula kwenqawe nemculo.
Konke lokhu kuzoba yingxenye yombukiso wezimoto iGas Motorshow 2025 kusukela ngoMgqibelo zingu-14 kuJune kuze kube yingakusasa ngeSonto.
Lo mbukiso obophele izihlabani zamazwe emikhakheni eyahlukene uzobanjelwa eSuncoast Casino.
Abagqugquzeli bathembisa into yamehlo kusuka ezimotweni zakudala, ezesimanje nalezo esezishintshiwe kusuka phansi kuya phezulu.
Okubhekeke ukuba kudonse amehlo kulo mbukiso walo nyaka ukuba khona komshayeli odumile emhlabeni uDidi Bizzaro.
UBizzaro uzakhele igama ngokwenza imigilingwane eyingozi ehamba ngemoto.
Ngaphandle kodumo ngokushayela ngesivinini, uBizzarro waziwa ngokudlala kumafilimu eHollywood.
UBizzaro uzogila lemigilingwane ngemoto abuye ashintshele esithuthuthwini neloli.
Okwamanje kuthiwa nguye kuphela emhlabeni okwazi ukwenza zonke lezimanga ngesikhathi esisodwa esuka emotweni, isithuthuthu neloli.
Okunye okuzodonsa abantu kulo mbukiso ukuthi uBizzaro uzobuye abonakale eshayela imoto yakhe iBMW 325i enqamula ngayo kwilangabi lomlilo.
Kuthiwa lo mgilingwane wagcina ukwenziwa nguyise ngo-1975 embukisweni owawunedumela iRand Show.
Abanye abashayeli okubhekeke ukuba bashiye izihlwele zibambe ongezansi uJacques Roema noDallen Goldman.
Abathandi bezimoto bazothola nethuba lokubona izinhlobonhlobo zezimoto zomjaho.
Ngaphandle kwezimoto kuzobuye kunandise nabaculi okukhona kubona uKelvin Momo, Dlala Thukzin, Blended SA, Liam Hans neSummer Heyns.
Ngokusho kwabagqugquzeli amasango azovulwa ngo-9 ekuseni ngoMgqibelo kuthi ngeSonto kuqalwe ngo 11.
Amathikithi abiza kusukela ku R300 kuya ku R1,500, izingane ezineminyaka engaphansi kuka-10 zizongena mahhala.
IGas Motorshow 2025 ixhaswe iSuncoast/Tsogo Sun, Webtickets, Pick n Pay, RA (Racing Art), neBody Line Auto Panel and Paint.
Emgwaqeni.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



