
Intaka ibekelwe amazolo kwiDundee July 2026
Sihle Mkhize
Bekuphithizela ungafunga ukuthi kuzongena umakoti emagcekeni kaMasipala waseNdumeni kwethulwa iDundee July 2026 ngoLwesibili.
Ingqikithi yalo nyaka ithi Elegantly African-Ku Lit, kanti nombukiso wemfashini ubudla lubi.
Kuhlonzwe usuku lwango mhla ka-18 July njengosuku okuzobe kubanjwe ngalo lo mcimbi ozobe uqeda iminyaka engu-21 wasungulwa.
UNgqongqoshe wezobuCiko, Amasiko nemiDlalo, uMntomuhle Khawula, ngesikhathi eqala ukwethula inkulumo ucele izihambeli zigebise amakhanda zihloniphe uDr Ntuthuko Mahlaba.
UKhawula ukhumbuzise izihambeli ukuthi uMahlaba oshone engozini yemoto ubephethe lo Mnyango ngaphambi kohulumeni wobambiswano.
Ube esencoma bonke abaxhasi njengoba kulo nyaka ibalelwa ku-R2.5 million imali ezohlonyulwa abanqobile kodwa kusengenzeka ifike kuR3 million.
“Zizobe zibuya ngomhla ka-18 July, usuku olubalulekile kubantu baseNingizimu Afrika ngoba wusuku okwazalwa ngalo uTata uMandela. Kodwa ke kithina kuqondane nokuthi kuyobe kuwusuku lomtelebhelo wamahhashi.

Abalelwa ku-340 amahhashi aqhamuka kuzo zonke izifunda zakwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe ezingomakhelwane kubuye kube naqhamuka eSwatini naseLesotho,” kulandisa uKhawula.
“Okusijabulisa kakhulu wukuthi isiteki siyakhula unyaka nonyaka, saqala saba ngoblanket kwaba uR20 000. Lesi siteki okwamanje simi kuR2. 5 million.
La sibheke khona sifisa ukuthi sifike kuR3 million okuyimali ezohlukaniswa kusukela kumjaho wokuqala kuze kufike koweshumi nambili. Namaciko ami ngomumo ngoba ngaphandle kwamahhashi kuphinde kube nemiculo enhlobonhlobo,” kunaba uKhawula.
IMeya yakulo Masipala uCllr Mcebo Mkhize ihambe emazwini kaKhawula mayelana nokuthi kuzobe kuLit.
“Sigubha iminyaka engu-21 kulo nyaka, izinga linyukile isiteki sikuR2.5 million esizobe sitholwa kuyo yonke imijaho engu-12. Amukho umuntu ozohamba engaphethe lutho la,” kunaba uMkhize.
Ngonyaka ofile umhlanganiso wadliwa ihhashi uMpendulo owayegitshelwe uZakhele Mkhabela waseMajuba owahlomula ngo-R400 000.
Umculi KaMaskandi uNtencane uvale umcimbi ngamanoni omculo wathula isigqoko enxusa kwizikhulu ukuthi ngosuku olukhulu okungenani kuqashwe noma umculi oyedwa waseMzinyathi.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



