
Indumezulu yomcimbi wamaciko eMzumbe
Jerome Thabethe
Bazobhema bakholwe abantu baseMzumbe ngoMgqibelo njengoba zizobe zibondiwe kwiRural Artist Development Launch.
Konke kuzokwenzeka eNdelu Traditional Court kusukela ngo-10:00 ekuseni kuya ku-5 ntambama.
Umcimbi uzobe ubophele abaculi abaziwayo, nalabo abangakadumi basendaweni.
Uhlelwe inkampani ezinze eThekwini i-Uplifting Lives Project.
Le nkampani ibhekelela kakhulu ukwenza imicimbi ngenhloso yokuthuthukisa, amaciko asafufusa.
Naba abaculi abazobe benandisa, kubalwa Woodblocks DJ’s (Skuta baba), Shuni waseMzini, Solar system, Ichwane likaPhuzekhemisi, Ngeney’ntwen nabanye.
Leli phephandaba lixoxisane, nomunye wabahleli balo mcimbi uNingi Ndelu uthi bazoqala ezindaweni ezise makhaya
ukuze betakule amaciko akude nezinsiza.
Eqhuba uthi njengoba besayiqala lemicimbo ngokuhamba kwesikhathi, kuzobe khona abakhethwayo.
Ziningi izindawo abazohambela kuzo, ukuvumbulula amakhono aahlukene kubalwa uMaskandi, Gospel, amaPiano, Isicathamiya nokunye.
Uthi ufisa mphakathini ulisebenzise lelithuba esho ebhekise kubantu abasha ngoba iyona egcina isingene ezintweni ezingalungile.
Lapho ubala ubugebengu, ukusebenzisa izidakwamizwa okuyizinto ezibulala ikusasa lomuntu, lihlukumeze nabanye.
Abazokwenza kahle ngamakhono abo,bayothola ithuba lokulekelelwa ngokuqopha umculo wabo.
Bazobuye bacinjwe ngolwazi lokuzikhangisa emsakazweni nakumaphephandaba.
Kuyilapho-ke beyobe sebethole indlela, yokuziphilisa kanye nemindeni yabo.
Lolu chungechunge luzoqhubeka minyaka yonke futhi inxenxe abaxhasi habehlukene.
“Sifisa nokuba uhulumeni angenelele ukuze lemi cimbi ibe impumelelo,” kusho uNdelu.
Baningi abaculi esebebhalisi le ukuba babe inxenye yalo mcimbi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



