Ezokungcebeleka

Abakwa Bolt bazobopha usomahlaya ‘obanjwe’ inkunzi

Isikhuni sibuya ngomkhwezeli odabeni lokuthunjwa kwaSimthande Myeza othi wabanjwa inkunzi kwaBolt mhlaka-17 June ngo-8 ebsuku.

UBolt ubodla umlilo esitatimendeni uthe usazonquma ngezinyathelo zomthetho makufanele uzithathele.

Ukusho lokhu ngoba uthi inkampani yabo inhlanjalaziwe, bathi okukhulunywe uMyeza nokuvela phansi kubona kuyashayisana.

Bathe lonke uphenyo bazolidlulisela kubaseshi becala futhi bazimisele ngokundlala bonke ubufakazi obala.

UBolt uzeve ukuthi ngosuku uMyeza athi wabanjwe ngalo inkunzi, wacela uBolt ngo-15:03 elibangise endaweni eyibanga elincane nabaligagule ngegama.

Baveze nokuthi wayehamba yedwa umshayeli nokuthi leyo ndlela yaphelelaphi

Phakathi kokunye okuvelile ukuthi emva kwesicelo ayesenze ngo-15:03, ayikho enye eyenzile uMyeza kwaBolt ngalolu suku nangalezi zikhathi athi isigameko senzeke ngaso.

Isitatimende sikhishwe iSenior General Mananger yakwaBolt uMnuz Lerato Motsoeneng.

Ngokwesitatimende esikhishwe umndeni wakwaMyeza kuthe sekuhanjwa ngale moto waqaphela ukuthi ithatha indlela angayazi.

Ube esecela umshayeli ukuthi abuyele emuva, okuyilapho evele wama khona kwaba nokuhilizisana.

“Amadoda ababili amnyama abekule moto amkhombe ngesibhamu bamkhumulisa izingubo abezigqokile ngenkani wanqunu”

“Abagcinanga lapho kodwa bashanele nakwi bank acc yakhe bathatha yonke imali ebikhona. Baqede lapho bamdansisa enqunu enjalo bemshutha bethatha namavideo”

Emuva kokuthi babonile ukuthi ungubani bathi kashaye isishwaphasana sakhe ahambe kodwa angathi vu ngoba uzokubona okwabonwa okwehlisa ikati emthini.

Okhulumela umndeni uLomsongaka Myeza uthe ngezintatha zangoLwesithathu babe sebethi akasho ukuthi uhlalaphi ukuze bamqashele imoto, nebala ifikile.

“Udaba lubikiwe esiteshini samaphoyisa esiseduze, kumanje uphephile, unathi”, kusho isitatimende” kusho uLomsongaka Myeza okhulumela umndeni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMyeza uke waba umsakazi we-Radio Khwezi enza uhlelo lwantamama phakathi nezinsuku obelungena ngehora lesi-15:00 luphele ngelesi-17:00 ntambama.

Ngesikhathi eshiya kulo msakazo wathi usefuna ukugxila emsebenzini wakhe wokuba usomahlaya.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button