Ezezimoto

Ibanjwe seyeqiswa eZimbabwe ingqovungqovu yakwaFord

Mleven kaZikiza

UPHENYO lwamasosha i-SANDF olubizwa nge-Operation Corona lube nezithelo ezinhle njengoba amaphoyisa ajutshwe ukusebenza eLimpopo.

Kuvela ukuthi abegxile endaweni lapho kunezimoto khona (Vehicle Control Point) edolobheni eMusina lapho bafike bashaqa imoto entshontshiwe yohlobo lweFord Ranger Raptor, inani layo kuthiwa libalelwa kuR1,110,430.

Kuthiwa le moto ibisendleleni ishushumbiselwa ukweqa umngcele ibheke eZimbabwe.

Lo mkhuba wokuntshontshwa kwezimoto yinto eyaziwayo nekungaziwa ukuthi iyonqandwa kanjani njengoba abomthetho bebukeka bebamba beyeka.

Kwesinye isigameko, kuboshwe amadoda amabili eLimpopo ngezinsolo zokuthi abentshontsha itekisi yohlobo lweToyota Quantum ngesikhathi amaphoyisa aseHoopdal naseCumberland ematasa nomkhankaso wokulwa nobugebengu.

Kuthiwa amaphoyisa ngesikhathi emisa le moto oyedwa obephakathi uphumile wazibhonqa elele phansi ebambe isisu ewakhohlisa ngokuthi usezinhlungwini.

Noma kunjalo amaphoyisa abaxhakathisile ayobavalela esitokisini.

Kwesinye isigameko sezimoto, imoto yohlobo lwe KIA bakkie ebekubikwe ukuthi intshontshwe eHavenside eChatsworth, itholwe KwaMakhutha kodwa zingasekho ezinye izinto ezifana ne-stereo.

Okhulumela abe-PT Alarms uMnuz Dhevan Govindasamy uthe bathumele ithimba labaphenya ukulahleka kwezimoto ngesikhathi i-tracking devise bekwazile ukuyithola ngobuchwepheshe ababusebenzisayo.

Uncome umphakathi ngokusukumela udaba ngesikhathi kubikwa ukuduka kwemoto.

Related Articles

Back to top button