
Isematheni eyokushona kwammeli ecaleni likaMeyiwa
Mleven kaZikiza
KUKHULUNYWA ngayo nxa zonke nasezinkundleni zokuxhumana eyokushona kuka Advocate Thulani Mngomezulu.
UMngomezulu ungummeli womsolwa wokuqala ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirares neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
Imibizo esisebelele ithi ushone ngoLwesibili ekuseni.
Abantu abashayeke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni imindeni yabasolwa ngoba bebekholwa ukuthi uzobanqobela leli cala elibucayi ababekwe lona nabanye.
Umthombo uthe uMngomezulu ubevele ehamba nakho ukugula kodwa muva nje ubengasabonakali enkantolo ngenxa yokuxineka.
Ubekhala ngekhanda nangokugodola okwenze wagcina egobe uphondo wacela ozakwabo bamumele.
UMngomezulu ubemele ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya. UMngomezulu ufike kukeli cala ngo-Okthoba 2023.
Umndeni kaMngomezulu ukhiphe isitatimende uqinisekisa ukudlula kwenhloko ekhaya.
“Siyakuqinisekisa ukudlula kwakhe emhlabeni, ushonele eVosloorus eTelle Meroerane Hospital ntathakusa ngoMsombuluko. Sibuhlungu impela ukumemezela lezi ndaba ukuthi ubaba wekhaya, indodana. Kulesi sikhathi esinzima sokuzila sicela nizwelane nathi nisiphe isikhathi njengomndeni ukunquma ngokuzokwenzeka ezinsukwini ezizayo. Siyalubonga uthando eniqhubeka nisinika lona nokuseseka. Niqhubeke nisibeke emithandazweni,” kubhalwe kwistatimemde esibhalwe uDumisile Mngomezulu.
Ushona nje uMngomezulu bekufanele apheke ngemibuzo iphoyisa elingufakazi wombuso uGininda.