Izindaba

Zimb’ izinto kwabebedlisa kwabesifazane ngezibhamu

Sindiswa Nxumalo 

Baphendukelwe umsamo abesilisa abanikeze abasefazane okusolakala ukuthi izintombi zabo izibhamu.

Akugcinanga lapho njengoba laba besifazane bekubobakala bedlala ngazo bekhombana ukubonakala ukuthi abakwazi nokuthi zisetshenziswa kanjani.

Kule video esabalele ezinkundleni zokuxhumana bebesendlini kuneziphuzo ezikhala kahle, ngase kupheleni kwevideo kuvela owesilisa kancane esezithatha lezi izibhamu.

Alishonanga elangoLwesihlanu amaphoyisa lweGauteng Crime Intelligence ababopha laba basolwa besilisa ababili abaxhunyaniswa nalezi zibhamu ezivele kuvidio engundabamlonyeni.

Amaphoyisa aqale uphenyo ngemuva kokusabalala kwale video, kwathi abasolwa baboshwa eTembisa, eGauteng.

Abakwasidlodlo bathi izibhamu ezivele kuvideo zithathiwe futhi kutholakale ukuthi bezingenazo izincwadi ezisemthethweni.

Kuphinde kwatholakala imoto eduniwe abasolwa ababeyisebenzisa.

Laba basolwa abaneminyaka engu-21 no-34 babhekene namacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni kanye nokutholakala nemoto eduniwe.

IBamba likaKhomishana kazwelonke weSAPS, uLieutenant General Puleng Dimpane, lincome amaphoyisa ngokusebenza ngokushesha ekubopheni abasolwa.

Amaphoyisa asaqhubeka nokufuna abesifazane ababonakala kuvideo bephethe lezi izibhamu budedengu.

Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eTembisa Magistrate’s Court ngesonto elizayo.

NgoLwesihlanu amaphoyisa akhiphe isitatimemde eveza ukuthi umnikazi wesibhamu uzobhekana namacala uma kutholakala ukuthi ube budedengu.

“Ngokomthetho weFirearms Control Act 60 of 2000, noma ngubani ophethe isibhamu noma osisebenzisayo kumele abe nemvumo futhi abe nezincwadi,” asho kanje.

Zithole zishisa kuWhatsApp:-

https://whatsapp.com/channel/0029VbC3tBoLo4hpjHyTNY0T

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button