
Imininingwane yomngwcabo yelungu leMK
Mleven kaZikiza
UZOFIHLWA ngoMgqibelo eMtubatuba, uCanaan Mdletshe, owazakhela igama ebuntathelini ngaphambi kokungena emkhakheni wezepolitiki.
UMdletshe, obesanda kuqokelwa esikhundleni sokuba iNhloko yezokuXhumana e-KZN kwi-MK Party, ushone engozini yemoto ngoLwesine ebusuku ngesikhathi esendleleni esuka kosebenzela inhlangano eHluhluwe naseMtubatuba.
Esitatimendeni esikhishwe umndeni wakhe, bathe bazomkhumbula ngezinto eziningi ekubalwa kuzo ukuba ubaba oqotho ezinganeni zakhe, umalume kubashana kanye nokusebenzela umphakathi ngokuzikhandla.
Okunye umndeni othe uzomkhumbula ngakho ukulwela ukuthi abantu balingane kanti labo abangalutholi usizo, bagcine belutholile. Uthe bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala kanti isikhala sakhe sizobonakala kakhulu ezinganeni zakhe.
Emkhakheni wezokubika izindaba, uqale ukusebenza ephephandabeni lomphakathi iTaxi Newspaper wadlulela kwamakhulu njengeThe Sowetan neThe New Age, ubesehlale iminyaka engamashumi amabili kule ndima.
Usuke lapho wayoba umkhulumeli kamufi uZanele Magwaza-Msibi ngesikhathi eyiPhini likaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe. Ngaphambi kokujoyina i-MK Party ube nguSihlalo Jikelele we-National Freedom Party.
Ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uMphile MaButhelezi Mdletshe, izingane ezintathu, unina uKaMaMthethwa nabafowabo.
Umndeni uthe inkonzo izobanjelwa eNgunjaneni Lutheran Church bese efihlwa khona emathuneni ebandla.