Ubukhazikhazi bamalambu emigwaqeni yaseThekwini
Sane Mseleku
ITHEKU likhanya bha kulamaholidi kaDisemba.
IMeya yeTheku uCyril Xaba isiliciphazile ibhathini lokukhanya ubukhazikhazi bezibani usangena ukukhombisa ukuthi sesifikile isikhathi senjabulo.
Kulamaholidi iTheku liqophe umlando ngomcimbi wokufaka ubukhazikhazi bemibala eyahlukene kwizibani ozihlobise iTheku.
Ubukhazikhazi bamalambu bukukhanha ungena emgwaqeni uDr. Pixley kaSeme okwiwona umgwaqo wokungena ngaphakathi edolobheni elinomdlandla nenjabulo.
IMeya isifisele izilokotho ezinhle kuwowonke umuntu waseThekwini njengoba kuqala amaholidi kaKhisimusi.
Yibe seyigcizelela ukuthi abantu mababe nomoya wozwelo nokusekana ngalesi sikhathi.
Uphinde wanxenxa abantu ukuthi mababe nobuntu kanye nosizo kwimindeni kanye nomakhelwane exakekile.
UXaba ugcizelele ukuthi iTheku iyona ndawo edumile nethandwayo izivakashi kuleli zwe.
Uqinisekisile ukuthi izivakashi zizokwamukelwa kahle nangemfudumalo kula maholidi.