Bekubukwa izimbangi kuMaskandi zimemezela imicimbi
Aphe Gcwabe
BEKUBUKWA abaculi baMaskandi uKhuzani Mthandeni SK ngoMsombuluko kusihlwa bekhuluma bukhoma ezinkundleni zokuxhumana.
Indlamlenze yethule ngokusemthethweni umcimbi wakhe wokugubha iminyaka ewu-15 eyibambile emculweni.
Uthe lomcimbi uzokuba mhlaka-22 kuMashi ngonyaka ozayo eCarnival City eGoli.
Uthe lo mcimbi uqondene neBlue Nation okungabalandeli bakhe.
Inxuse abalandeli bakhe ukuba baqale benze izinhlelo zokuthungisa umfaniswano wabo oBlue njengoba ethe kuyobe kungenwa ngawo.
Uthi amathikithi azotholakala maduzane.
Ngakolunye uhlangothi uMthandeni SK okhiphe ingoma eshisa bhe esihloko sithi iGucci ayicula ngokubambisana nesimomondiya uMawhoo, naye wethule ngokusemthethweni umcimbi wakhe obizwa ngoMthandeni Summer Experience ozokuba mhlaka-4 Januwari ngonyaka ozayo ekhaya kubo eMdletsheni eHluhluwe.
Lezi zindaba uzidalule esithangamini sabezindaba eGlenwood eThekwini.
Uthe uhlela ukuthi lo mcimbi ubekhona minyaka yonke. Uveze ukuthi yonke le minyaka ubengakasibona isidingo sokwenza umcimbi ongaye ngoba ubesabishe odakeni.
Unxuse uhulumeni wakwaZulu-Natal umnyango wezamasiko namaciko ukuba weseke lomcimbi. Uthi uzoqasha abaculi abasematheni bezinhlobo zomculo ohlukahlukene. Amathikithi atholakala ngo-R100 ezitolo.
NgoLwesibili emini uKhuzani unameke umbhalo kuFacebook ethi: “Izolo ngawushaya u8k kulive ngingaxutshwe nagogo ngingaxutshwe namxhiliba umlando lona kuyaqala endimeni. Okuwumthakathi bayakuthanda abantu,”.
Abaningi bayithathe le nkulumo njengokubhinqa uMthandeni obenabalandeli abancane kunalesi sibalo.