Unyanyavu kumculi owafelwa ingane engozini
UTHENGE unyanyavu lwemoto emuva kokuzilela indodakazi yakhe umculi uShebeshxt.
UShebeshxt wathola udumo ngengoma yakhe iDi Shxt Malume.
ULehlogonolo Katlego Chauke odume ngelika Shebeshext waba sengozini yemoto enyantisa igazi ngoJuni eyathatha indodakazi yakhe.
Impilo yakhe yabanzima emuva kwengozi, wahlala izinyanga elimele esibhedlela washonelwa indodakazi yakhe eneminyaka engu-9.
Emuva kokuzilela indodakazi yakhe wabuyela emsebenzini waqhubeka nempilo. Noma esho ukuthi ucabanga ngedodakazi yakhe nsuku zonke.
UShebeshxt usanda kuthenga imoto entsha yohlobo lweGolf 8R. Abalandeli bakhe bayamjabulela bathatha izithombe nama video akhe nemoto yakhe entsha.
UDJ Coach ubhale kwizinkundla zokuxhumana i-X “Njaka ShebeShxt ufike ukuzobingelela ngemoto yakhe entsha iGolf 8R, siyakubongela mfowethu. Siyakuthanda.”
UShebeshxt ubaziwa ngokushaya abantu abahluphayo emcimbini wakhe, kodwa manje ushintshile emuva kokushonelwa ingane yakhe.
“Ngifisa sengathi indodakazi yami ngabe ikhona ukungibona ngijabulisa abantu. Kodwa ngaphakathi ngiphukile angijabulile. Into engangenza ngijabule, ukubuya kwendodakazi yami,” kusho uShebeshxt kwiPodcast.
Imiyalezo yokumbongela miningi eqhamuka kubalandeli nabasendimeni eyodwa ngokomsebenzi. Ivideo efakwe uDJ kwizinkundla idumile kwizinkundla.
Abaningi bamjabulele kodwa abanye badumele ngoba bethi ubukeka ephuza kodwa uyashayela.
AbeDaily Sun bazamile ukuthola uShebeShxt kodwa bangaphumelela.