Uthisha uqolwe yisoka langaphandle uR1.8 m
Sane Mseleku
KUBOSHWE umsolwa emuva kokuqola owayewuthisha isamba semali uR1.8 million.
Lo wesifazane ukhala ezimathonsi njengoba eqolwe isoka lakhe laseGhana lashaya lachitha.
Ngokuthola kwePurpose babonana ngoJanuwari 2023 eTubatse Crossing Mall eBurgersfort, eLimpopo.
Lomlisa wazidlisa satshanana kulo thisha wakhuluma kamnandi nebala wagcina eqomile bathandana kusukela ngo-Agasti.
Isoka lafaka umbono wokuthi abavule ibhizinisi labo, nangempela wavuma.
Isoka lathi lithole amaTruck amabili ebhizinisi abiza R3 million.
“Bahamba baya ebhange ePhalaborwa eLimpopo, lapho wafike wafaka khona isamba saR1.8 million kwi-akhawunti ayinikwa isoka,” kusho uWarrant Officer Lethunya Mmuroa okhulumela amaHawks aseLimpopo.
“Wabuyela ekhaya uthisha walinda. Lutho amatruck, nesoka lingasabonwa nangokhalo.
Wazama ukufonela isoka lutho ukubamba ucingo, wazama ukuphuma engena ezindaweni acabanga ukuthi likhona langatholakala,” kuqhuba uMmuroa.
Uthisha waphikelela emaphoyiseni, kwavulwa icala lokweba. Icala ladluliselwa kwabophiko lwama Hawks Serious Commercial Investigation Unit ukuphenywa kabanzi.
Emuva kophenyo olunzulu amaHawks athola ukuthi imali eyafakwa yafakwa kwi-akhawunti kaMohoto Mangwejana (34).
Emuva kophenyo icala ladluliselwa kwi National Prosecuting Authority (NPA) ilapho kwaphuma incwadi yokubopha uMohoto.
UMohoto wathungathwa watholwa amaHawks eNorth West lapho aboshwa khona ngoLwesine mhlaka-5 Disemba. Wavela enkantolo yase Praktiseer ngaphandle kwaseBurgers Fort ngoDisemba-6 ebhekene namacala okweba nokukhwabanisa.
Icala lahlehlela umhlaka 11 Disemba ukufaka isicelo sebheyili.
“Sisabheka isoka namanje,” kusho uMmuroa.
OweLimpopo Hawks uMajor-General Gopz Govender ulamukelile icala. Uphinde wanxenxa bantu ukuba baqaphe abantu abeza ngothando kanti bazobagebenga.