Ezemidlalo

I-2K leKaizer Chiefs liyihlenge sekucisha ugesi

UMDLALI weKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala (20) uhlenge iqembu lakhe ngoLwesithathu ebusuku kukubi iMagesi FC ingenhla.

Bese kubukeka iChiefs izongena ehlazweni elisanda kwehlela omakhelwane bayo baseSoweto i-Orlando Pirates lokushaywa womakoti beligi enkulu.

Bekusele ngaphansi kwemizuzu engu-15, iMagesi isihamba phambili ngo 2-0, sekunendumalo ePeter Mokaba Stadium ngesikhathi uShabalala ejika izinto.

IMagesi beyihambe phambili ngegoli likaWonderboy Makhubu alishaye ngomzuzu wesithupha umdlalo uqalile.

Ikwazile ukulivikela leli goli kwaze kwayiwa ekhefini yize iChiefs bekuyiyo ephethe umdlalo, kubhoke uShabalala noMfundo Vilakazi.

Kuthe sekusele imizuzu engaphezu kancane kwengu-15, u-Edmore Chirambandare washaya igoli lesibili, elenze kwabukeka kuzoba umqansa kwiChiefs.

Kodwa akuphelanga sikhathi esitheni, uShabalala wayibuyisela emdlalweni ngegoli elihle alishaye ephansi kwepali ngomzuzu ka-77.

UShabalala ubelokhu ekuveza kancane kancane ukuthi angaba ngumdlali oqavile kwiKaizer Chiefs.

Lithe lisuka, iChiefs yalidla ibhola, yahlalasela, laphelela phambi kukaShabalala odedele udalimede weshodi.

Uzwe ngenhlokomo yabalandeli u-ELvis Chipezeze ukuthi selisenethini.

Lamagoli aqinisekise ukuthi umdlalo uphela zibambene futhi iChiefs iphuma nephuzu elibalulekile ekuhambeni.

Nendlela edlale ngayo izokukhulisa ukuzethemba ikakhulukazi njengoba inomdlalo othanda ukuqansa ngempelasonto.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button