Kuvele ‘ungqondongqondo’ ogwetshiwe kwelokubulawa kwabantu (18)
Ngo-Okthoba 18 iPurpose ibike ngokuboshwa kwabasolwa ababili ngecala lokubulawa kwezisulu.
Ngokombiko wamaphoyisa laba basolwa babanjwe emzini oseFlagstaff okuyindawo engekude neLusikisiki ngoLwesine ebusuku.
Ngesikhathi bebhadanywa bebehuqa ubuthongo kanti baboshwe nezinhlokohlela zezibhamu okukholakala ukuthi yizona ezasetshenziswa ngesikhathi kubulawa abantu.
Phakathi kwezibhamu ezivundululwe amaphoyisa kubalwa ama-AK47 automatic rifles amathathu ne-243 Steyr Mannlicher rifle.
Kwaboshwa abasolwa abathathu ababoshwe emjondolo waseMkholombe, ePort Shepstone, owesine wabanjwa e-East London.
Laba solwa baneminyaka engu-22, 24 no-31 batholwe becashile emijondolo yaseMkholombe, ePort Portshepstone, eningizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal.
Kulesi sehlakalo kwasocongwa abantu besifazane abangu-15 kanye namadoda amathathu.
Emzini wokuqala kwabulawa abantu abane kwangasinda muntu.
Esehlakalweni sesibili bekunabantu abangu-19 abebekade belele emzini ose-NU2, abangu-13 babo badutshulwa bashona.
Kwasinda abantu abayisithupha okungabantu besifazane abane nowesilisa owagcina ngokushona esibhedlela.
Emzini wokuqala kwabulawa abantu abane kwangasinda muntu.
Esehlakalweni sesibili bekunabantu abangu-19 abebekade belele emzini ose-NU2, abangu-13 babo badutshulwa bashona. Kwasinda abantu abayisithupha okungabantu besifazane abane nowesilisa.