Izindaba

Sekuphinde kwagadla ukufa kuKhozi FM

Bahle Mkhize

SELIPHINDE lagawula izembe kuKhozi FM kulandela ukushona komdidiyeli wezihlelo uBonga Ndaba.

Lezi zindaba zidalulwe umphathi siteshi uNksz Sbongi Ngcobo.

UNgcobo ubekhuluma ntambama ohlelweni iWoza Nabangani Bakho (WNB) olushaylewa uTshatha Ngobe noSelby Mkhize.

“Umndeni wakwaNdaba ungicele ukuthi ngazise umphakathi ukuthi uBonga usishiye izolo ntambama (Lwesithathu). Isizathu esingenza ngimemezele manje ntambama wukuthi bekusalindwe amanye amalunga omndeni aqhamuka. UNdaba ubengumdidiyeli wezihlelo zakwa-SABC. Sithi duduzekani, ekuseni bebethi bamyisa esibhedlela bafika esethuli. Sesehlelwe yizinto ezibuhlungu la Okhozini. Ngiyazi ukuthi akumnandi kithi ngaphakathi. Siyakucela ukwesekwa abantu, ngiyazi ukuthi abantu bake bakhulume izinto ezahlukene. Lo muntu ubenomndeni nezingane,” kusho uNgcobo.

Kushona uMpanza nje uKhozi FM lusazikhotha amanxeba emuva kokushona kwaKUGCINE kumenele Zanele “Mazet” Mbokazi (52) ngo-Agasti.

UMbokazi washonela esibhedlela esiseThekwini.

IPurpose ibike kaningi ngokuhlatshwa kwakhe ukugula nokwaholela ekutheni athathe ikhefu emsakazweni.

Kwavela ukuthi ujuqwa isifo somdlavuza.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZanele ubesebuya ihlandla lesibili esebenzela lo msakazo.

Abaningi bazomkhumbula uZanele ngokuvundulula ikhono emculweni weGospel kanti nomncintiswano wezindondo obizwa ngeSABC Crown Gospel Music Awards awusungula ugqamise inqwaba yabaculi.

Related Articles

Back to top button