Izindaba

Kuhoxe amacala esengenasikhundla obekuhulumeni

KUHOXISWE amacala okukhwabanisa abethweswe owayengu Ngqongqoshe weZemidlalo, amaSiko nezeMidlalo uMnuz Zizi Kodwa sports, no mphathi we-EOH uJehan Mackay.

Bese kuphele izinyanga ezintathu abasolwa bebhekene nalamacala okukhwabanisa njengoba uDirector of Public Prosecutions egcine ngokuwahoxisa.

Bobabili mebesolwa ngenkohlakalo kuthiwa uKodea wagwazisa uMackay ngoR1.6 million ukuze  athole amathenda kahulumeni.

Ngo-Agasti uMackay wavela nobufakazi kwi specialised commercial crime unit.

Wayenxusa ukuthi amacala akhe ahoxiswe, ngeshwa isicelo sakhe asamukelekanga. Wabe esedlulela kwi DPP.

Emuva kokuba uKodwa ethweswe amaca wabe esesula ekubeni nguNgqongqoshe waphinde wasula ekubeni ilunga lase Phalamende le ANC.

UKodwa ekhuluma ePalm Ridge Specialised Commercial Crime Court, uthe wasula ngoba wayehlonipha umthetho wokuhoxa ukuze ubhekane kahle namacala athweswe wona.

Uthe kwabe kuyisinqumo esinzima ngoba awukho umthetho othi kumele usule esihlalweni uma ubhekene namacala.

Waphinde wathi mekungeke kubukeke kahle ukuthi aqhubeke nesikhundla kodwa ebhekene namacala akanjena.

“Ngiyasamukela isinqumo se DPP, angingabazi ngesinqumo esenziwe iDPP amaqiniso wonke. Ayi izinsolo nemibono ebishiwo ngesikhathi secala enkantolo,” kusho uKodwa.

UKodwa uthi ukwehla esikhundleni kumlethele inhlonipho kanye nokwesekwa.

Uncome amalunga e-ANC ngokwemeseka kakhulu kulezinyanga ezimbalwa ezidlule.

Uncome kakhulu inhlangano ukuthi ayizange igiye ngethambo lakhe ngesikhathi esebunzimeni kodwa bameseke kakhulu.

“Ngesikhathi ngivela okokuqala, ngavakashelwa umphathi wentsha, usihlalo kanye nonobhala jikelele. Bakunika amandla ngoba ungazizwa uwedwa futhi uthembele emndenini kuphela. Ukushayelwa ucingo  owayengu Mongameli uKgalema Motlanthe kwanginika umdlandla kakhulu,” kusho uKodwa.

UMphoza Mashabela, usihlalo weLimpompo Artists Movement (LAM), naye uthe uyasamukela isinqumo seDPP sokuhoxisa amacala.

Ushayele uKodwa ihlombe ngokuhoxa esikhundleni adedele umthetho wenze umsebenzi wawo. Lokhu kukhombise ukuzinikela nokungafihli lutho.

“Njengamaciko thina siyaqondisisa isithunzi, ukuthembeka kanye nokuzinikela ekuholeni. Sincoma kakhulu isenzo sika Kodwa sokuzimisela ukugeza igama lakhe”.

“Ukuhoxiswa kwamacala, kukhombisa ukuba msulwa, nokuzimisela ukusebenzela isizwe,” kusho uMashabela.

Uthi inhlangano inethemba lokuthi ukuhoxiswa kwamacala kuzomvumela uKodwa ukuthi aqhubeke nokusebenzela isizwe.

Related Articles

Back to top button