Izindaba

Usengaphandle umdlali obandakanyeka ekufeni kwentombazane (9)

UMDLALI weSikhukhune United uMokete Mogaila udedelwe ngebheyili ka-R20 000 yiNkantolo.

Lo mdlali akabekelwanga mibandela etheni ngesikhathi ekhishwa ngebheyili.

Utshelwe ukuthi aqinisekise ukuthi uyabakhona eNkantolo ngosuku afuneka ngalo ukuhluleka ukukwenza lokho kuyoba nemiphumela emibi.

Useyoze abuyele enkantolo ngoFebhuwari 4 wonyaka ozayo.

Ubenamithisele okusabhandisi esiphongweni okucacayo ukuthi walimala ngesikhathi sengozi.

Ubebukeka ethukuthule ebusweni eqinise nemihlathi egqoke isikibha esimnayama esinemikhono emide esinombhalo uBARL.

IPurpose othole ukuthi lokhu kungenxa yokuthi amaphoyisa asafuna isikhathi sokuphenyisisa kahle futhi kutholakale nobufakazi bodokotela.

UMogaila ube sengozini yemoto okufe kuyo ingane yentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye kanti unina usesesimweni esibucayi esibhedlela.

Le ngozi yenzeke eTembisa, eGoli ngoLwesithathu ekuseni kanti ngokwamaphoyisa abesendaweni yesigameko, kutholakale amabhodlela kagologo nokusolakala ukuthi yizidakamizwa.

Imoto yakhe ishayisane mahlanze nenye ngabo-7.30 ekuseni, wabe eseyishiya lapho ebaleka kodwa wabuye wazinikela emaphoyiseni.

Ubevele enkantolo ngoLwesihlanu. Ubhekene necala lokubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu nokubaleka endaweni yengozi.

ISekhukhune ikhiphe isitatimende idlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubo bonke abalahlekelwe yangeza ngokuthi ngeke isasho lutho ngalolu daba ngoba selusenkantolo.

Related Articles

Back to top button