Indodakazi yomculi ezinsolweni zokubhubhudla ifa
SEKUQUNBULKE imibuzo eminingi ngendodakazi yomculi wokholo ongasekho emhlabeni, uSolly Moholo elokhu ibonakala ikhithiza izimpahla zikanokusho.
Imibuzo iqubuka nje kulandela ukudlula emhlabeni eswele ngisho imali yokukhokhela izindleko zodokotela akade ebahamba exinwe ukugula.
Lo mculi ongowokudabuka ePitoli, udlule emhlabeni ekuqaleni kwenyanga edlule emuva kokuxinwa isifo sohlangothi.
Indodakazi kaMoholo ibonakale ithenga izimpahla zikanokusho ezingabiza uR20 000 impahla ngayinye.
Ezingubeni ebonakele iziphethe kubalwa iGucci, izikhwama zeLouis Vuitton ezimba eqolo, nezigqokwa omtakabani kuphela.
Kulezo zinsolo zokuxhaphaza imali ubonakale ehamba nonogada ababili.
Lesi senzo sendodakazi sishiye abantu bemangele ukuthi uzithathaphi izimali ngoba uyise esagula akukaze kuvele la ekuthiwa khona nayo ibilekelekelela ukuthi ethole usizo kodokotela.
Kunalokho ubesizwa abangani nabalandeli bakhe ukumphosela okuncane.b
Abanye abasondelene nendodakazi kaMoholo basola ukuthi izimali zomshwalense seziphumile, yizona lezi ezibhebhudlwayo.
Abanye bathi unalo lonke ilungelo lokusebenzisa imali ngendlela ayithandayo kodwa imibuzo ilokhu ivele njalo ethi seyivelephi lemali, uyise esagula beyikephi kutheni iqhamuka manje ngoba esengasekho.
Kuthiwa noma ngabe iyisebenzisa budedengu imali kodwa ayingakuvezi ebantwini lokho ngoba bazolokhu beqhubekile nemibuzo.