Ezokungcebeleka

U-Oskido nendumezulu yomcimbi ohehayo

Sane Mseleku

UMNQOBI wezindondo odume kuleli nangaphandle u-Oskido, umemezele indumezulu yomcimbi awuhlelayo iBIG DAY OUT, ezoba ngoNovember.

Lo mcimbi uhlose ukubungaza umculo owaduma  eminyakeni engu-30 edlule.

Uzovuselela inhlasi kumculo weKwaito, ngokuthi kunandise abaculi bakudala bekwaito babonakalise ngethalente labo.

Kuzophinde kudlale umculo weHouse wakudala nowamanje.

U-Oskido udume ngokuphumelela kwezomculo, aphinde aziwe ngokuphumelelisa abanye nokugqugquzela umculo weKwaito nezinye izinhlobo zomculo wamasiko akuleli. Ngalo mcimbi weBIG DAY OUT uzimisele ngokuthi akhe isithombe esingeke sikhohlakale kwezomculo wakuleli.

Uhlela umcimbi ukuthi ubesezingeni eliphezulu kanye nokudla kwakuleli okwehla esiphundu.

Kulo mcimbi kuzoba khona abaculi bakudala abaseqophelweni elipohezulu kanye nabashisayo bamanje, abazodalulwa emasontweni ambalwa azayo.

Abahambi bemicimbi abalindele izinhlobonhlobo zolozolo lomculo wakudala nowamanje wakuleli.

Bazojabulela ukuhlangana komculo wakudala nowamanje oseqophelweni eliphezulu wakuleli.

“IBIG DAY OUT ayikho ngomculo kuphela, kodwa sizobungaza ubuhle bamasiko ethu kanye nomlando wethu omibalabala nenjabulo eqhamuka nakho konke lokhu, umculo nokudla.

Sibambisene nethimba lami, siyajabula ukunilethela abaculi abahlukahlukene abanamathalente ngosuku lwenjabulo nomdlandla” kusho u-Oskido.

Lo mcimbi uzoba phakathi kwandonga ziyaduma, eLinksfield.

Kuzoba khona imihlobiso emihle, kanye nokuxhumana kwabantu nokuthathwa kwezithombe, kulindeleke izihambeli eziwu-5000.

Amathikithi aqala ku-R495 kuya phezulu ezitolo.

Related Articles

Back to top button