Uzulelwa amanqe umzwilili onesikweletu sika-R18 m
UMZWILILI womculi uZonke Dikana, ubhekene nesikweletu esingango R18 million kwinhlawulo yakwa South African Revenue Services (SARS).
Kuthiwa lesi sikweletu sikhule kule minyaka edlule embalwa.
Ngokusho komthombo othembekile osondelene noZonke ekhuluma nabakwa ZiMoja, uthe kade ezikhokha izinhlawulo zentela phambilini.
Kwabe sekuba khona izihibe ezibe imbangela eyaholela ekuhlulekeni kwakhe ukuqhubeka nokuqedela isikweletu.
Njengomculi okhokhelwa uma ekade ebizwe emcimbini wacula, zilindelekile izihibe ekukhokheni intela.
Kuwowonke amacala entela anawo uZonke, amahlebezi athi uthenge iBentley neMercedes V Class ethengela uchungechunge lomculo wakhe.
Kutholakele amaphepha afakazela ibhange lakhe, ukuthi banemvumo yokudonsa isikweletu kancane kancane.
Umthombo uveze ukuthi kuze kunyuke isikweletu nje yingenxa yokuthi bekunzima ukuxhumana noZonke.
Lo mculi wamanoni okubalwa iFeelings ne Tonight uhlela ukulungisa lenkinga nethimba lakhe lomthetho kanye nethimba labaluleki bezimali.