Ukhala ngesibhaxu oboshelwe ukubulala intombazanyana (6)
UKHALA ngesibhaxu esinzima asithola emaphoyiseni ejele uPhethe Sara Simia obevele enkantolo yaseProtea NgoLwesihlanu.
USimia ubhekene necala lokudlwengula abulale u-Amantle Samane oneminyaka engu-6 ubudala.
USimia uvele enkantolo yaseProtea egadwe inqwaba yamaphoyisa, ukuzobhekana namacala okuthumba, ukudlwengula kanye nokubulala.
Ucele ukukhishwa ngebheyili.
IMantshi ithathe ikhefu lesikhashana, yabuya isitshela uSimia ukuthi uphinda ngaphakathi ejele laseGoli kodwa uzohlala esitokisini esihlukile sakhe yedwa.
Iphinde yatshela uSimia, obekhala ngemilenze kanye nesisu ukuthi uzobonana nodokotela.
Icala lihlehliselwe uDisemba 3 kulo nyaka kanti u-Amantle ungcwatshwe ngoLwesine.
Lentombazanyana ebisisalelwe izinsukwana nje ukuthi igqoke ijazi layo lase nkulisa.
Isidumbu sakhe satholakala emkhukhwini obuqashe uSimia e-Orlando, eSoweto.
USimia owabaleka emva kwezinsolo zokubulala, ubanjwe waboshwa emva kwezinsuku ezimbalwa.
Umalume ka-Amantle uthe uzwe ubuhlungu obuyisimanga emva kokushonelwa umshana wakhe.
Uthi abakaze bacabange noma balindele ukuthi angabulawa ngesihluku kanje emcane kangaka.
Ubonge kakhulu umndeni wakwaSamane ngokusekwa ngumphakathi njengoba ihholo beligcwele phama ukuyobaseka, kanye nabezemfundo bafikile ukuzoduduza.
IMeya nayo iqinisekisile ukuthi izokwenza ngawowonke amasu ukuthi isigila mkhuba sijeze nokuthi izosebenzisana nabomthetho ukugwema abantu bangaphandle ukungena kuleli ngokungemthetho.
Usho kanje vele uSimia ukuleli ngokungemthetho njengoba evela eMozambique.