IKaizer iphenduke otakalani iSundowns ingenhla
IKAIZER Chiefs iphoxe izinkumbi zabalandeli ibhaxabulwa iMamelodi Sundowns ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku.
ISundowns beyizenzela umdlalo uqala waze wayophela futhi ibingabasela inqwaba yamagoli ngaphezu kwalawa amane ewashayile kulo mdlalo obuseFNB Stadium.
Igoli lokuqala leSundowns lingene ngomzuzu ka-14, okube yiphenathi evalelwe phakathi enethini u-Iqraam Rayners wasala unozinti ebhuquza.
Ubuyile lo mgadli ogcine ehamba nesamba sika R100 00 ngokuba umdlali ovelele kulo mdlalo.
Ubuye ngomzuzu ka-22, washaya elesibili, kwabe sekuthi uPeter Shalulile wavalela elesithathu ngomzuzu ka-40, kwayiwa ekhefini kungu 4-0.
Ekuqaleni kwesiwombe sebilili kuvele kwacaca ukuthi izinto zizobhimba kakhulu kwiChiefs u-Inacio Miguel ephuma ngekhadi elibomvu.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwakube nezikhalazo ngesikhathi iSundowns ishaya iChiefs emdlalweni weligi ngo 2-1 ngenyanga edlule.
Kwakhalwa ngokuthi ibanjelwe unompempe, kwasuka izinkulumo eziningi kodwa ngoMgqibelo yenze isiqiniseko sokuthi akusali zinkulumo.
ISundowns ibe seyithola elesine elishaywe nguKhuliso Mudau ngomzuzu ngo-66, kwavele kwadela nabalandeli beChiefs.
Umqeqeshi wwSundowns ekhuluma emuva komdlalo uthe bamoshe amathuba amaningi kodwa ujabule ngomphumela.
OweChiefs uNabi ngosizo lukatolika uxolisile kubalandeli beqembu ngakho konke washo nokusho ibingenhla iSundowns wayibongela.
Bake kwangathi bayalwa ngasekuqaleni komdlalo ngesikhathi kungena amagoli okuqala, kodwa umdlalo uphele sebeziculela, bebungaza iqembu labo.
ISundowns seyijoyine iRichards Bay emaqenjini asengene esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.