Kubanjwe owesifazane ogwaze obeyisoka esebaleka
UBANJWE esebeleka owesifazane (21) ogwaze isoka lakhe emqaleni ngecotton clipper eThongathi, kwaZulu-Natal.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) babizelwe endaweni yesigameko efemini yizimpahla zokugqoka eBhoola Road.
Onogada baphuthume kulesi sigameko nebala bafika abantu bemi izixongololo bebabaza lesi sigameko.
Ngaleso sikhathi umgilwa ubesebovu klebhu igazi esikibheni esimhlophe abesigqokile esephelelwe namandla ehlezi dekle ngesinqe phansi.
Uphenyo luveze ukuthi laba bobabili bebethandana phambilini kanti bebeqashwe efemini eyodwa.
Kuthiwa ngesikhathi kunengxabano emayelana nomsebenzi owesilisa umjikijele ngekani lesiphuzo esinika umndlandla kwaba ugadlile.
Owesifazane akabange esabuza elangeni wamgwaza ngecotton clipper emqaleni.
Ube esephuthunyiswa endaweni yokuthola usizo lwezempilo, umsolwa zamkhalela.