Elamanqamu ngoLwesihlanu uSK uyolanda iPolo
ELAMANQAMU ngoLwesihlanu umculi kaMaskandi onqobe umncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka uMthandeni “SK” Manqele uyolanda imoto yakhe.
UManqele uwine umncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka ngomhla ka-31 Disemba, emuva kokuthi ingoma yakhe iGucci acula kuyo noMawhoo ithole amavoti angaphezulu kuka-900 000.
Umcimbi wokwedluliselwa lokhu uzokwenzeka ezindlini zokusakaza eSABC eThekwini.
USimphiwe Masondo, oyimenenja kaMthandeni SK utshele iSunday World ukuthi sebexhumene nabakwaSABC, banikwa usuku lwangomhlaka 24 Januari.
“Ngiyaqinisekisa ukuthi lo mcimbi uzokwenzeka ngoLwesihlanu, January 24. Lokhu kuphinde kwaqinisekiswa UKhozi FM,” kusho uMasondo.
“Siphinde saxwayiswa ukuthi ngenxa yendawo engankulu kahle, bancane abantu abazovumekela ngaphakathi.”
Ngenxa yalesi sizathu, bahlele umbhiyozo umkhulu eWorkshop eThekwini.
“Umcimbi omkhulu omkhuku uzoba ngeSonto eWorkshop, eThekwini. Lo mcimbi uzokwazi ukufaka wonke umuntu nabo bonke abalandeli boMaskandi,” kuchaza uMasondo.
“Siyabagqugquzela abalandela baSK ukuthi bafike bazojabula kanye nathi. Sifuna ukubabonga mathupha. Akusiyo impumelelo kaMthandeni kuphela, eyabo nabo.”
“Basebenzise izimali zabo bemuvotela ngakho-ke sekuyisikhathi sokubhiyoza. Ngaphandle kwabalandeli bakhe, bengeke aze awuwine lo mncintiswano.”
Uthe sebeqalile ukulungiselela umcimbi wangomhla ka-26 Januwari. “Sisahlela yonke into emayelana nomcimbi.”
Umphathi weSABC kwezokuxhumana, uMmoni Seapolela, uqinisekisile ukuthi imoto izodluliswa kuyena uMthandeni.
“UKhozi FM luyaqinisekisa ukuthi imoto yalo mncintiswano wengoma ezohlukanisa unyaka izodluliselwa kuMthandeni ngoLwesihlanu, 24 Januwari 2025, eSABC studio esiseThekwini,” kusho uSeapolelo.
“Ukudluliswa kwemoto kuzovezwa ohlelweni iWoza nabangani Bakho Show phakathi kuka-3pm no-6pm.”