Izindaba

Indodana yomlingisi wodumo kwiGenerations emacaleni okudlwengula

UTHOLE ibheyili kaR1000 uDonell Mbele oyindodana kaSonia Mbele. Leli bhungu belivele enkantolo yeMantshi eRandburg ngecala lokudlwengula intombi yakhe.

UDonell bhekene namacala amabili okudlwengula uReokeditswe.

Lokhu kulandela izinsolo ezenziwe ngowayethandana naye, emsola ngokudlwengula ekuqaleni kwale nyanga. Echaza ngesigameko ku-Instagram, uthe senzeke ngobusuku ngomhla ka-14 kuDisemba kanye nasekuseni ngo-15 Disemba ngonyaka odlule.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uPhindi Mjonondwana utshele iNewzroom Afrika ukuthi itshe limi ngothi.

“Phambilini idokodo lalethwa kwi-NPA, kodwa asikwazanga ukubhalisa udaba. Sayalela amaphoyisa ukuthi enze uphenyo oluthile, kwathi uma seluphothuliwe lolo phenyo, idokodo labuyiselwa kithina ukuze sithathe isinqumo. Namuhla, sibone sengathi lolu daba selumi ngomumo.”
Ngo-2022, uDonell wavela enkantolo ngecala lokuhlukumeza intombi yakhe yangaleso sikhathi, uReokeditswe.

Ngemuva kwalesi sigameko, umama kaDonell ukhiphe isitatimende ezwakalisa uthando lwakhe olugcwele nokusekela uReokeditswe.

Lo mlingisi wengeze ngokuthi wathumela indodana yakhe ukuthi iyofuna usizo lochwepheshe ngokushesha ngemuva kwesigameko.

“Angizange ngikubone lokhu okuzayo. Kwase kunesikhathi eside bendawonye, ​​besondelene futhi bethandana. Kuthe kusenjalo kwenzeka lokhu ngabahlalisa phansi bobabili ngabona ukuthi ngiyixoshe indodana yami ukuze izothola usizo,” kusho yena.

USonia wengeze ngokuthi, njengomuntu owahlukunyezwa, akakusekeli noma akakukhuthazi lokhu.

“Kusukela ngineminyaka engu-17 kuya kwengu-26, nganginowesilisa owayehlukumezeka,” kusho yena.

Related Articles

Back to top button