ISilo noMaMyeni entabeni yaseSandlwana
ISILO uMisuzulu kaZwelithini siqede ukuqagela sifika noNdlunkulu uNomzamo “Masesi” Myeni entabeni iSandlwana.
Bekumele kube nomkhehlo nomshado wabo kule mpelasonto, kodwa ‘kwamiswa’ nokho inkantolo yaseMgungundlovu ivune iSilo kwelokuqhubeka nomgcagco.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesithathu kugujwa iminyaka ewu-146 kwatholana phezulu amabutho kaZulu namasosha amaNgisi.
ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithi umkhosi wokweshwama awuphelile usaqhubeka, konke okwenzekile kukhomba ukuthi kusahamba kahle izinyandezulu zisenoZulu ngokuphelele.

ISilo siveze ukuthi ngokomthetho bekungamele ngabe usephumile ngoba usagonqile kodwa bekufanele ukuthi ahloniphe iSandlwana.
“UZulu usasemgonqweni, kumele isizwe siphinde sihlangane ukuphothula lowo msebenzi ngoba kuzobe kuhlola ukuhlambuluka nokuqala unyaka omusha.”
ISilo sithi uZulu akahlangane ngomhla ka-12 lapho kuzobe kupheleliswa khona naye esekwazi ukuphefumula.
Khonamanjalo umlingisi woMkhokha The Curse, uMbuso Khoza, obuye abe wumculi we-world music, uthi ukholelwa ekutheni amahubo yiwona axoxa umlando oyiqiniso kunezincwadi.
Ukhulume kanje ngesikhathi echaza ngomdlalo weshashalazi oqeketha kabanzi ngomlando wempi yaseSandlwana.
Lo mdlalo osihloko sithi Isandlwana Lecture The Musical uzokhonjiswa eJoburg Theatre, eBraamfontein kusukela ngoLwesine, ngoLwesihlanu nangeSonto ngo-7.30 ebusuku.
UMbuso uchashunwe kwiSolezwe ethi lo mdlalo ubheka ukuthi isizwe esimnyama sifike kanjani lapha, yini eyasilahlekela kulolu hambo nokuthi yini esisengayibuyisa ngokwesiko.