Isidumbu itekisi iphaphalaza enkabeni yeTheku
Liyah Mseleku
KUSHONE owesilisa obalelwa eminyakeni eko-20 ubudala kwaphinda kwalimala kanzima omunye emva kokuthi kushayisane itekisi nemoto encane ekhoneni lika-Smith noPark Street, enkabeni yedolobha iTheku.
Abosizo oluphuthumayo bakwa-ALS Paramedics bathi emva kokushayisana kwalezi zimoto kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto.
Kuthiwa, itekisi liphaphalazile lashiya umzila walo, nokulapho lifike lashayisa abantu ekade behamba ngezinyawo.
Lo mgwaqo usavaliwe okwamanje njengoba abezimo eziphuthumayo besasebenza nje.
Umshayeli wetekisi uhlulekile ukuyilawula ngemuva kokushayisana nemoto yaphaphalaza.
Kwesinye isigameko esifuze lesi esenzeke ngoNovemba nyakenye nesabika ngaso kwiPurpose kwaphuma isidumbu itekisi liphuma emgwaqeni lingalawuleki.
Lathatha owesifazane obezihambela eceleni lamfaka ngaphansi, ngaphambi kokuba lishayise isigxobo.
Le ngozi enyantisayo yenzeke emgwaqeni uClare Road eduze kweBurnwood Road kwiClare Estate, eThekwini.
Ngesikhathi obosizo oluphuthumayo besazama ukusiza, babone ukuthi lo obehamba ngezinyawo ubambekile ngaphansi kwetekisi, baphuthuma bathinta abezicisha mlilo.
Kuthiwa bafike ngokushesha ngebhadi lo wesifazane okukholelwa ukuthi uneminyaka ephakathi kwa-30, elimale kakhulu bekungekho abangakwenza. Ngeshwa ushonele endaweni yesigameko.
Omunye wabagibeli, uthole imihuzukwana nje emncane, wathola usizo khona lapho lapho.