Izindaba

Isihluku kubulawa uthishomkhulu emagcekeni

BATHUKA izanya abafundi base eKuthuleni Primary School ababone kudutshulwa kubulawa uthishomkhulu phambi kwabo.

Lesi sehlakalo esishiye abaningi bethuthumela wuvalo senzeke eBloekombos eCape Town.

Amaphoyisa asehlabe umkhosi ukuthi umphakathi ungenelele ekusizeni ngolwazi elungasiza ekuboshweni kwabasolwa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseWestern Cape uFrederick van Wyk usiqinisekisile lesi sigameko.

“IProvincial Serious nabaphenyi ophikweni lweViolent Crimes bahlanganisa ubufakazi okungaholela ekuboshweni kwabasolwa eBloekombos, Kraaifontein,” kusho uVan Wyk.

Uveze nokuthi kunomunye umuntu othelwe amachaphazela wadubuleka walimala.

“Ngezithuba zabo-7 ngoLwesithathu kuvinjwe abantu ababili emgwaqeni ongenela eHenzekile okuyindawo yokufunda. Bebehamba ngemoto yohlobo lweMahindra. Kube nokudubula kubhekiswe kowesilisa oneminyaka engu-54 ubudala. Kuphuthunyiswe nowesifazane obelimele kanzima esibhedlela. Abasolwa badle phansi baphela emehlweni,” kusho uVan Wyk.

Uthe akukaziwa isizathu esiholele ekudutshulweni kwezisulu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape uBronagh Hammond uthe iziphathimandla zisendaweni yesigameko. Ube esethembisa ukuthi uzodedela yonke imininingwane uma kukhona asebekuhlanganisile.

Related Articles

Back to top button