Izindaba

Kufe inkabi ebihlasele isishoshovu se-IFP

KUFE oyedwa kwalimala ababili izinkabi zidubula isishoshovu seqembu le-Inkatha Freedom Party eNewcastle, KwaZulu-Natal.

Kuthiwa namanje umphakathi wase Lister Farm ngasesitolo kaJobe usathuka izanya kulandela ukuthi kudutshulwe uThembela Thwala oyisishoshovu se-FP kule ndawo.

Ngokusho komthombo ohlala khona endaweni kusolakala ukuthi bekade ebuya kokhapha intombi yakhe ligamengxe ihora lesishagalolunye ebusuku.

Kusenjalo bezwe kuqhuma isibhamu izikhawu ezimbalwa kwase kucweba iziziba.

Kubikwa ukuthi lezi zinkabi ebeziyohlasela uThembela bezimlinde kubo esangweni kanti uthe mayengena zase zimdumela.

Yilapho kube nokuhilizina ngamandla phakathi kuka Thembela nezinkabi kwadubuleka inkabi eyodwa yafa, eyesibili ilimalile naye uThembela walimala.

Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko kwathathwa abalimele bahanjiswa esibhedlela.

Isidumbu senkabi besidindilize phandle kwesango kwaze kwacishe kwasa. Amalunga omphakathi atshele abezindaba ukuthi siwathuse kakhulu lesi sigameko futhi abaqondisi ukuthi ubani obengenza lokhu.

Bakusho lokhu ngoba uThembela kuthiwa uwumuntu wabantu njengoba ejwayele ukubazisa ngamathuba omsebenzi akhona kanye nezinhlelo zenthuthuko ezibathintayo.

Litradionews

Related Articles

Back to top button